Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 5:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 Futhi abasho enhliziyweni yabo ukuthi: “Masesabe uJehova uNkulunkulu wethu onisa imvula, eyokuqala neyokugcina ngesikhathi sayo; Usigcinela amasonto amisiwe okuvuna.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Futhi abasho ezinhliziyweni zabo ukuthi: ‘Ake sesabe uJehova uNkulunkulu wethu onika imvula eyokuqala neyamuva ngesikhathi sayo, asigcinele amasonto anqunyiweyo akuvuna.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Abashongo ezinhliziyweni zabo, ukuthi: ‘Ake sesabe uSimakade uNkulunkulu wethu, onika imvula yokuqala neyakamuva ngesikhathi sayo, osigcinele amasonto anqunyiweyo okuba sivune.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 5:24
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umhlaba usekhona, ukuhlwanyela nokuvuna, amakhaza, nokushisa, nehlobo, nobusika, nemini nobusuku, akuyikunqamuka.


U-Eliya waseThishibi, owabakhileyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, kule minyaka akuyikuba khona mazolo noma imvula, ngaphandle kwezwi lami.


Bangilinda njengemvula; bavula imilomo yabo njengemvula yamuva.


Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha na? noma ngubani ongathulula amagabha asezulwini,


onisa imvula emhlabeni, athumele amanzi endle.


Osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni.


Uyahambela umhlaba, uwunyakazise; Uyawucebisa kakhulu ngomfula kaNkulunkulu ogcwele amanzi; Ubalungisela ukolweni uma Ubahlinzekele.


Futhi akakho obiza igama lakho oziphakamisayo ukuba abambelele kuwe, ngokuba usithezile ubuso bakho, wasiqeda ngenxa yobubi bethu.


Lapho ezwakalisa izwi lakhe, kukhona inqwaba yamanzi ezulwini, futhi ubangela ukuba inkungu ikhuphuke emikhawulweni yomhlaba; wenza umbani nemvula, akhiphe umoya engcebweni yakhe.


Ukhona yini phakathi kwezithixo eziyize zabezizwe onganisa imvula na? noma izulu linganisa imvula na? Akuwena, Jehova Nkulunkulu wethu? ngalokho siyakulindela wena, ngokuba nguwena owenza zonke lezi zinto.


Ububi bakho buyakusola, nezizondo zakho ziyakusola; yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabayo ukuthi umshiyile uJehova uNkulunkulu wakho nokuthi ukwesaba kwami akukho kuwe, isho iNkosi uJehova Sebawoti.


Ngakho izihlambi zanqandwa, akubangakho mvula yamuva; futhi wawunebunzi lesifebe, wala ukuba namahloni.


Aningesabi na? usho uJehova, uthi: “Aniyikuthuthumela phambi kwami, mina engabeka isihlabathi emkhawulweni wolwandle ngomyalo waphakade ukuba lungedlule kuwo; uma zibhonga, azinakudlula na?


Bazabuza indlela eya eZiyoni, ubuso babo bukhangele kulo, bathi: Wozani sihlangane loJehova esivumelwaneni esingapheliyo esingayikukhohlakala.


Emva kwalokho abantwana bakwa-Israyeli bayakubuya bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo; bayakumesaba uJehova nomusa wakhe ekupheleni kwezinsuku.


Wozani siphendukele kuJehova, ngokuba udwengulile, uyakusiphulukisa; Washaya, futhi Uzosibopha.


Ngakho-ke thokozani, bantwana baseSiyoni, nijabule kuJehova uNkulunkulu wenu, ngoba umisile izimvula zokuqala, futhi uyonehlisela imvula, imvula yokuqala nemvula yamuva ngenyanga yokuqala.


Futhi ngaligodla imvula kusasele izinyanga ezintathu kuze kufike ukuvuna, ngenza imvula komunye umuzi, anginisanga komunye umuzi;


Celani imvula kuJehova ngesikhathi semvula yokucina; kanjalo uJehova uyakwenza amafu akhazimulayo, abanike izihlambi zemvula kubo bonke utshani basendle.


ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini, ngokuba yena wenza ilanga lakhe liphume phezu kwababi nabahle, nemvula ayinisa kwabalungileyo nabangalungile.


Nokho akazishiyanga engenabufakazi, ngokwenza okuhle, esinika imvula evela ezulwini nezinkathi ezinezithelo, egcwalisa izinhliziyo zethu ngokudla nangentokozo.


UJehova uyakuvula ingcebo yakhe enhle, izulu, ukuba anise imvula ezweni lakho ngesikhathi esifanele, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho; uyakutsheleka izizwe eziningi, kepha wena awuyikuboleka.


Ngakho bekezelani, bazalwane, kuze kube sekufikeni kweNkosi. Bhekani, umlimi ulindela isithelo somhlaba esinqabileyo, uyabekezela ngaso, aze amukele imvula yokuqala neyamuva.


Laba banamandla okuvala izulu ukuze lingani ngezinsuku zokuprofetha kwabo, futhi banamandla phezu kwamanzi okuwaphendula abe yigazi, futhi ashaye umhlaba ngazo zonke izinhlupho, noma nini ngokuthanda kwabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ