Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 49:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Balekani, niphenduke, nihlale ekujuleni, nina bakhileyo eDedani. Ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe inhlekelele ka-Esawu ngesikhathi sokumhambela kwami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Balekani, nibuye, nihlale ezigoxini nina bakhileyo eDedani, ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe ingozi ka-Esawu ngesikhathi sokumhambela kwami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Phendukani, nibaleke, nibhace emigedeni ejulileyo; nina zakhamuzi zaseDedani, ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe inhlekelele ka-Esawu, ngesikhathi engiyomjezisa ngaso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 49:8
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ukuze kungene emifantwini yamadwala naseziqongweni zamadwala adilikileyo ngenxa yokwesaba uJehova nangenxa yenkazimulo yobukhosi bakhe, lapho esukuma ukuba anyakazise umhlaba.


Isiprofetho nge-Arabiya. Ehlathini lase-Arabiya kumelwe nilale ubusuku, nina bahambi baseDedanimi.


Ngokuba inkemba yami iyogezwa ezulwini; bheka, liyokwehlela phezu kwe-Idumiya naphezu kwabantu besiqalekiso sami, kube ukwahlulelwa.


iDedani, neThema, nebhasi, nabo bonke abasemakhoneni akude;


Abaqashwa bayo basemathunjini ayo njengezinkunzi ezikhuluphalisiweyo; ngoba nabo baphenduka babaleka kanyekanye; abazange beme, ngoba usuku lokubhujiswa kwabo lwalubafikele kanye nesikhathi sokuhanjelwa kwabo.


Nina enakhileyo kwaMowabi, shiyani imizi, nihlale edwaleni, nibe njengejuba elakha isidleke salo emaceleni omlomo womgodi.


Obalekela ukwesaba uyawela emgodini; futhi lowo ophuma emgodini uyobanjwa ogibeni; ngoba ngiyoletha phezu kwalo unyaka wokuhanjelwa kwabo phezu kukaMowabi,” kusho uJehova.


Balekani, nisindise ukuphila kwenu, nibe njengesihlava ehlane.


Balekani, nihambe niye kude, nihlale ekujuleni, nina enakhileyo eHasori,” usho uJehova; ngoba uNebukadinesari inkosi yaseBhabhiloni wenze icebo ngani futhi ucebe icebo ngani.


Amakamela abo ayakuba yimpango, nemfuyo yabo eminingi ibe yimpango; futhi labo abasezindaweni ezikude ngiyobahlakazela kuyo yonke imimoya; futhi ngiyoletha ukubhujiswa kwabo kuzo zonke izinhlangothi zalo,” kusho uJehova.


Hlabani zonke izinkunzi zalo; mabehlele ekuhlatshweni; maye kubo! ngoba usuku lwabo selufikile, isikhathi sokuhanjelwa kwabo.


Nina bantwana bakwaBenjamini, hlanganani nibalekele eJerusalema, nibethe icilongo eThekhowa, nimise isibonakaliso somlilo eBeti Hakeremi, ngokuba ububi buvela enyakatho nokubhubhisa okukhulu.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwelulela isandla sami phezu kuka-Edomi, nginqume kulo abantu nezilwane; ngiyakuyenza ihlane laseThemani; nabaseDedani bayakuwa ngenkemba.


Ngamzonda u-Esawu, ngachitha izintaba zakhe nefa lakhe kwaba yizimpungushe zasogwadule.


Lapho u-Edomi ethi: “Simpofu, kepha siyakubuya, sakhe izindawo eziyincithakalo; usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Bayakwakha, kepha mina ngiyakudiliza; bayakubabiza ngokuthi: Umkhawulo wobubi, Abantu uJehova abathukuthelele kuze kube phakade.


Amakhosi omhlaba, nezikhulu, nezinduna, nezicebi, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo, bacasha emihumeni nasemadwaleni ezintaba;


Isandla sakwaMidiyani saba namandla phezu kuka-Israyeli, abantwana bakwa-Israyeli bazenzela imigodi esezintabeni, nemigede, nezinqaba ngenxa yabakwaMidiyani.


Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi baswele (ngokuba abantu babecindezelekile), abantu bacasha emihumeni nasemahlozini nasemadwaleni naseziqongweni nasemigodini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ