Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 48:40 - Contemporary Zulu Bible 2024

40 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, uyandiza njengokhozi, elulele amaphiko akhe phezu kukaMowabi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, uyandiza njengokhozi, elulele amaphiko akhe kuMowabi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

40 Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, uyakundiza njengokhozi, elulele amaphiko akhe kuMowabi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 48:40
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Indlela yokhozi esibhakabhakeni; indlela yenyoka edwaleni; indlela yomkhumbi phakathi nolwandle; nendlela yendoda nesigqilakazi.


Kepha bayakundizela emahlombe amaFilisti ngasentshonalanga; bayophanga abasempumalanga kanyekanye; bayakubeka isandla sabo phezu kuka-Edomi noMowabi; abantwana bakwa-Amoni bayakubalalela.


Iyakudabula kwaJuda; uyakuchichima, adlule, afinyelele entanyeni; futhi ukwelula kwamaphiko akhe kuyogcwalisa ububanzi bezwe lakho, O Imanuweli!


Bheka, uyenyuka njengamafu, nezinqola zakhe zinjengesivunguvungu; amahhashi akhe anejubane kunezinkozi. Maye kithi! ngoba sonakele.


Bheka, uyokhuphuka andize njengokhozi, elulele amaphiko akhe phezu kweBhozira, futhi ngalolo suku inhliziyo yamaqhawe akwa-Edomi iyoba njengenhliziyo yowesifazane ezindleleni zakhe.


Abasizingelayo banejubane kunezinkozi zezulu; basixosha ezintabeni, basilindela ehlane.


Uthi: Itsho njalo iNkosi uJehova; Ukhozi olukhulu olunamaphiko amakhulu, namaphiko amade, lugcwele izimpaphe, ezinemibala ehlukahlukene, lwafika eLebanoni, lwathatha igatsha eliphezulu lomsedari.


Eyokuqala yayinjengengonyama, inamaphiko okhozi; ngabuka, kwaze kwaba yilapho amaphiko alo ehlwithwa, yaphakanyiswa emhlabeni, yema ngezinyawo zayo njengomuntu, yanikwa inhliziyo yomuntu.


Faka icilongo emlonyeni wakho. Uyofika njengokhozi ngokumelene nendlu kaJehova, ngoba bephule isivumelwano sami futhi beqa umthetho wami.


Amahhashi aso anejubane kunezingwe, anolaka kunezimpisi zasebusuku; bayondiza njengokhozi oludla ngokuphangisa.


UJehova uyakulethela isizwe esivela kude, emikhawulweni yomhlaba, esindiza ngejubane njengokhozi; isizwe ongayikuzwisisa ulimi lwaso;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ