Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 48:28 - Contemporary Zulu Bible 2024

28 Nina enakhileyo kwaMowabi, shiyani imizi, nihlale edwaleni, nibe njengejuba elakha isidleke salo emaceleni omlomo womgodi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Shiyani imizi, nihlale esiweni nina enakhileyo kwaMowabi, nibe njengejuba elakha emaceleni omlomo wesiwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

28 Shiyani imizi, nihlale phakathi kwamadwala; nina zakhamuzi zakwaMowabi, yibani njengejuba, elakha isidleke emlonyeni wesiwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 48:28
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; wathuma ijuba; abangabange besabuyela Kuye.


Juba lami elisemifantwini yedwala, ekusithekeni kwezitebhisi, mangibone ubuso bakho, ngizwe ilizwi lakho; ngokuba limnandi izwi lakho, nobuso bakho buhle.


Bayongena emihumeni yamadwala nasemihumeni yomhlaba ngenxa yokwesaba uJehova nangenxa yodumo lobukhosi bakhe, lapho esukuma ukuze unyakazise umhlaba.


Nika uMowabi amaphiko ukuba abalekele, aphunyuke; ngoba imizi yakhe izakuba yinkangala, kungahlali muntu kuyo.


Ukwesabeka kwakho kukhohlisile, nokuzidla kwenhliziyo yakho, wena ohlala emifantwini yedwala, obambe indawo ephakemeyo yentaba; noma wakha isidleke sakho njengokhozi, ngiyakukwehlisa khona, usho uJehova.


Balekani, niphenduke, nihlale ekujuleni, nina bakhileyo eDedani. Ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe inhlekelele ka-Esawu ngesikhathi sokumhambela kwami.


Isandla sakwaMidiyani saba namandla phezu kuka-Israyeli, abantwana bakwa-Israyeli bazenzela imigodi esezintabeni, nemigede, nezinqaba ngenxa yabakwaMidiyani.


Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi baswele (ngokuba abantu babecindezelekile), abantu bacasha emihumeni nasemahlozini nasemadwaleni naseziqongweni nasemigodini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ