Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 45:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Izwi umprofethi uJeremiya alikhuluma kuBaruki indodana kaNeriya ekulobeni lawa mazwi encwadini ephuma emlonyeni kaJeremiya, ngomnyaka wesine kaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lathi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izwi uJeremiya, umprofethi, alikhuluma kuBaruki, indodana kaNeriya, ekulobeni kwakhe lawa mazwi encwadini, ewathatha emlonyeni kaJeremiya, ngomnyaka wesine kaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lokuthi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Izwi uJeremiya, umphrofethi, alikhuluma kuBharukhi, indodana kaNeriya, ngesikhathi eloba lawa mazwi emqulwini, ewathatha emlonyeni kaJeremiya, ngonyaka wesine wokubusa kukaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lithi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 45:1
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ezinsukwini zakhe uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, wenyuka, uJehoyakimi waba yinceku yakhe iminyaka emithathu; emva kwalokho waphenduka wamhlubuka.


UJehoyakimi wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; wenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe.


Izwi elafika kuJeremiya ngabantu bonke bakwaJuda ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, okungumnyaka wokuqala kaNebukadinesari, inkosi yaseBabele;


Ekuqaleni kokubusa kukaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kwafika leli zwi livela kuJehova, lithi:


Ngamnika uBaruki indodana kaNeriya indodana kaMahaseya ubufakazi bokuthengisa phambi kwamehlo kaHanameli indodana kababekazi naphambi kofakazi ababesayine incwadi yokuthengisa phambi kwabo. Wonke amaJuda ayehlezi enkantolo yetilongo.


Lapho nginika uBharuki indodana kaNeriya incwadi yokuthenga, ngakhuleka kuJehova ngathi:


Kwathi ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kwafika leli zwi likaJehova kuJeremiya, lathi:


Zithathele umqulu, ulobe kuwo wonke amazwi engawakhuluma kuwe ngo-Israyeli, ngoJuda, nangokumelene nazo zonke izizwe, kusukela osukwini engakhuluma ngalo kuwe, kusukela ezinsukwini zikaJosiya kuze kube manje usuku.


Inkosi yayala uJerakimeli indodana yenkosi, noSeraya, indodana ka-Asiriyeli, noShelemiya, indodana ka-Abideyeli, ukuba babambe uBharuki umbhali noJeremiya umprofethi; kepha uJehova wabafihla.


UJeremiya wathatha omunye umqulu, wawunika uBharuki, umbhali, indodana kaNeriya; owaloba kuyo ephuma emlonyeni kaJeremiya onke amazwi encwadi uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ayishisa ngomlilo; futhi kwenezelwa kubo amazwi amaningi afanayo.


UJeremiya wasebiza uBharuki indodana kaNeriya, uBharuki waloba emqulwini ophuma emlonyeni kaJeremiya wonke amazwi eN kosi eyayiwakhulume kuye.


Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, kuwe Baruki!


NgeGibhithe, ngokumelene nebutho likaFaro Nego, inkosi yaseGibhithe, eyayisemfuleni u-Ewufrathe eKharikemishi, owanqoba uNebukadinesari, inkosi yaseBhabhiloni, ngomnyaka wesine kaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda.


Izwi umprofethi uJeremiya ayala ngalo uSeraya, indodana kaNeriya, indodana kaMahaseya, lapho ehamba noSedekiya, inkosi yakwaJuda, eBhabhiloni ngomnyaka wesine wokubusa kwakhe. LoSeraya wayeyisikhulu esithule.


Ngomnyaka wesithathu wokubusa kukaJehoyakimi inkosi yakwaJuda, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, wafika eJerusalema walivimbezela.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ