Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 42:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngokuba nakhathazeka ezinhliziyweni zenu lapho ningithuma kuJehova uNkulunkulu wenu ukuthi: ‘Sikhulekele kuJehova uNkulunkulu wethu; njengakho konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma, sitshele khona, sikwenze.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Ngokuba nazidukisa, lapho nangithuma kuJehova uNkulunkulu wenu ukuthi: ‘Sinxusele kuJehova uNkulunkulu wethu, usitshele konke ayakukusho uJehova uNkulunkulu wethu, siyakukwenza.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Ngokuba nenze iphutha elikhulu ngokungithumela kuSimakade uNkulunkulu wenu, nithi: ‘Sinxusele kuSimakade uNkulunkulu wethu, usitshele konke ayakukusho uSimakade uNkulunkulu wethu, siyakukwenza.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 42:20
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokushesha nje lapho bezwa ngaMi, bayongilalela; abafokazi bazozithoba Kimi.


Iziphambeko ziyanginqoba: wena wesule iziphambeko zethu.


Mina, Jehova, ngihlola inhliziyo, ngivivinya izinso, ukuze nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengokwezithelo zezenzo zakhe.


Kodwa ngenxa yakho konke lokhu udadewabo okhohlisayo uJuda akabuyelanga kimi ngenhliziyo yakhe yonke, kodwa ngenkohliso, usho uJehova.


Inkosi uZedekiya yathuma uJehukali indodana kaShelemiya noZefaniya indodana kaMahaseya umpristi kuJeremiya umprofethi ukuthi: “Sikhulekele kuJehova uNkulunkulu wethu.”


Inkosi uZedekhiya yasithuma yamthathela uJeremiya umprofethi kuye emnyango wesithathu wendlu ye Nkosi; inkosi yathi kuJeremiya: “Ngizakubuza utho; ungangifihleli lutho.


Wathi kumprofethi uJeremiya: “Isicelo sethu makwamuke phambi kwakho, usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wakho, nangenxa yonke le nsali; (ngokuba siyingcosana nje esisele kwabaningi, njengoba amehlo akho esibona;)


Base bethi kuJeremiya: “UJehova uyakuba ngufakazi oqinisileyo nothembekileyo phakathi kwethu, uma singenzi njengakho konke uJehova uNkulunkulu wakho ayakukuthuma khona kithina.


U-Azariya indodana kaHoshaya noJohanani indodana kaKhareya nawo onke amadoda azidlayo bathi kuJeremiya: “Ukhuluma amanga; uJehova uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuthi uthi: Ningayi eGibithe ukuba nigogobale khona.


Beza kuwe njengokuza kwabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, bezwe amazwi akho, kepha bangawenzi; ngoba ngomlomo wabo batshengisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ilandela ukuhaha kwabo.


Izicengezi zomlilo zalezi zoni mazizenzele izingcwecwe eziyisibekela i-altare; ngokuba banikela ngayo phambi kweNkosi, ngakho-ke bangcwelisiwe; kuyakuba yisibonakaliso kubantwana bakwa-Israyeli.


Kumelwe ulobe igama lika-Aroni entongeni kaLevi, ngoba udondolo kumelwe lube lwenhloko yendlu yoyise.


Omunye wabo ongumthetho wambuza, emlinga, wathi.


Ningakhohliswa; UNkulunkulu akahlekwa, ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu uyakuvuna kona futhi.


Kepha yibani ngabenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ