Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 42:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Yithi: Hatshi; kepha siyakuya ezweni laseGibithe, lapho singayikubona khona impi, sizwe ukukhala kwecilongo, singalambele isinkwa; futhi lapho sizohlala khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 nithi: ‘Qha, ngokuba siyakuya ezweni laseGibithe, lapho singayikubona khona impi, singezwa ukukhala kwecilongo, singalambeli ukudla, sihlale khona,’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 nithi: ‘Qha, siyakuya eGibhithe, sihlale khona, lapho singayukuyibona khona impi nomsindo wayo nokukhala kwamacilongo, futhi lapho singayukwentula khona ukudla, silambe.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 42:14
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, sihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla inala yesinkwa; ngoba nisikhiphise kuleli hlane ukuba nibulale lonke leli bandla ngendlala.


Abantu bakhona bomele amanzi; abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Usikhuphuleleni eGibithe ukuba usibulale ngokoma thina nabantwana bethu nemfuyo yethu na?


Kodwa lathi: Hatshi; ngoba siyakubaleka ngamahhashi; ngalokho niyakubaleka, nithi: Siyakugibela abanejubane; ngalokho abakusukelayo bayakuba ngamawala.


Owahamba ukwehlela eGibithe, akabuzanga emlonyeni wami; ukuze abaqinise emandleni kaFaro, bathembele emthunzini waseGibithe!


Maye kulabo abehlela eGibhithe ukuze bathole usizo; bahlala emahhashini, bethemba izinqola, ngokuba ziziningi; nangabamahhashi, ngokuba banamandla kakhulu; kodwa ababheki koNgcwele ka-Israyeli futhi abamfuni uJehova!


Amathumbu ami, amathumbu ami! Ngibuhlungu enhliziyweni yami; inhliziyo yami ixokozela phakathi kwami; Angikwazi ukuthula, ngokuba uzwile, mphefumulo wami, ukukhala kwecilongo, ukukhala kwempi.


Koze kube nini ngibona ibhanela futhi ngizwa ukukhala kwecilongo?


Basuka bahlala endaweni yokuhlala kaKimhamu engaseBhetlehema ukuze bangene eGibhithe.


Bafika ezweni laseGibithe, ngokuba bengalilalelanga izwi likaJehova; basebefika eTagpanesi.


UJehova usiletheleni kuleli zwe ukuba siwe ngenkemba, omkethu nabantwana bethu babe yimpango na? Bekungengcono yini ukuba sibuyele eGibithe na?


Base bethi omunye komunye: “Asizibekele umbusi, sibuyele eGibithe.”


Kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elichichima ubisi nezinyosi ukuba usibulale ehlane, uma ungazenzi ngokuphelele isikhulu phezu kwethu na?


Kodwa akumelwe azandisele amahhashi futhi angavumeli abantu babuyele eGibhithe ukuze andise amahhashi;


Futhi lapho ezwa amazwi alesi siqalekiso, azibusise enhliziyweni yakhe futhi athi: Ngiyoba nokuthula, noma ngihamba ngenkambiso yenhliziyo yami, ukuze ngengeze ukudakwa ekomeni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ