Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 39:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 AmaKhaledi ashisa indlu yenkosi nezindlu zabantu ngomlilo, adiliza izingange zaseJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 AmaKaledi ashisa indlu yenkosi nezindlu zabantu ngomlilo, azidiliza izingange zaseJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 AmaKhaledi asishisa ngomlilo isigodlo senkosi nezindlu zabantu, adiliza izingange eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 39:8
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngenyanga yesihlanu, ngosuku lwesikhombisa lwenyanga, okungukuthi, ngonyaka weshumi nesishiyagalolunye wenkosi uNebukadinesari, inkosi yaseBhabhiloni, uNebuzaradani, induna yemilindankosi, inceku yenkosi yaseBhabhiloni, wafika eJerusalema;


Bayishisa indlu kaNkulunkulu, badiliza ugange lwaseJerusalema, bashisa zonke izigodlo zalo ngomlilo, bachitha zonke izitsha zalo ezinhle.


Base bethi kimi: “Insali yabathunjwa ezweni isekuhluphekeni okukhulu nasehlazweni; nogange lwaseJerusalema lwalubhidliziwe, namasango alo ashiswa ngomlilo.


Ngoba bamdlile uJakobe, bachitha indawo yakhe yokuhlala.


UJehova Sebawoti wathi ezindlebeni zami: “Yebo, izindlu eziningi ziyakuba yincithakalo, ezinkulu, zizinhle, zingabi namuntu ohlala kuzo.


Kepha uma ningangilaleli ukungcwelisa usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo, ningene ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha; ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacimi.


Ngokuba ngibhekise ubuso bami kulo muzi kube kubi, kungabi kuhle, usho uJehova; liyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, futhi iyolishisa ngomlilo.


Futhi amaKhaledi alwa nalo muzi azofika awuthungele ngomlilo lo muzi awushise kanye nezindlu abanikela phezu kophahla lwazo impepho kuBhali futhi bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa ukuze bangidlale.


Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Hamba, ukhulume kuSedekiya, inkosi yakwaJuda, uthi kuye: ‘Isho kanje iNkosi, ithi; bheka, ngiyawunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBabele, futhi izowushisa ngomlilo.


Bheka, ngiyaleza, usho uJehova, ngibabuyisele kulo muzi; bayakulwa nalo, balithathe, balishise ngomlilo; futhi ngiyoyenza imizi yakwaJuda ibe ihlane elingenamuntu ohlala kulo.


Ngoba noma benilichithe lonke ibutho lamaKaledi alwa nani, kwasala abalimele phakathi kwabo, nokho bebeyakuma, kube yilowo nalowo etendeni lakhe, awushise lo muzi ngomlilo.


Kepha uma ungaphumi uye ezikhulwini zenkosi yaseBabele, lo muzi uyakunikelwa esandleni samaKaledi, awushise ngomlilo, kepha wena awuyikuphunyuka esandleni sawo.


Khuphukelani ezindongeni zalo nichithe; kodwa akupheli; susa izinhlangothi zalo; ngoba abasibo abakaJehova.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, intukuthelo yami nokufutheka kwami kuyakuthululelwa kule ndawo, phezu kwabantu, naphezu kwezilwane, naphezu kwemithi yasendle, naphezu kwezithelo zomhlaba; futhi uyovutha futhi ungacimi.


Isitha selulele isandla saso phezu kwazo zonke izinto zalo ezithandekayo, ngoba libona ukuthi abezizwe babengena endlini yalo engcwele, owazilaya ukuthi bangangeni ebandleni lakho.


UJehova wagwinya zonke izindlu zikaJakobe, akaba namusa kuye; ngentukuthelo yakhe yadiliza izinqaba zendodakazi yakwaJuda; Wabayisa emhlabathini; Wangcolisa umbuso nezikhulu zawo.


INkosi ililahlile i-altare layo, yanengwa yindlu yayo engcwele, yanikela izingange zezindlu zayo zamakhosi esandleni sesitha; babanga umsindo endlini kaJehova njengosuku lomkhosi.


Bayoshisa izindlu zakho ngomlilo, bakwenzele izijeziso phambi kwamehlo abesifazane abaningi; futhi ngiyokwenza ukuba uyeke ubufebe, futhi ungase ungabe usanikeza inkokhelo.


Isixuku siyobakhanda ngamatshe sibakhiphe nezinkemba zaso; kumelwe babulale amadodana abo namadodakazi abo futhi bashise izindlu zabo ngomlilo.


Kwathi ngomnyaka weshumi nambili wokudingiswa kwethu, ngenyanga yeshumi, ngolwesihlanu lwenyanga, kwafika kimi owaphunyuka eJerusalema, wathi: “Umuzi unqotshiwe.


Kodwa ngizathumela umlilo kwaJuda, njalo uzaqeda izigodlo zeJerusalema.


Ngalokho iSiyoni liyakulinywa ngenxa yenu njengensimu, iJerusalema libe yizinqwaba, nentaba yendlu ibe njengeziqongo zehlathi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ