UJeremiya 39:1 - Contemporary Zulu Bible 20241 Ngomnyaka wesishiyagalolunye kaSedekiya inkosi yakwaJuda, ngenyanga yeshumi, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nayo yonke impi yakhe, wafika eJerusalema, walivimbezela. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE1 Kwathi lapho iJerusalema selinqotshiwe ngomnyaka wesishiyagalolunye kaSedekiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yeshumi kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nempi yakhe yonke eJerusalema, walivimbezela; အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 20201 Ngonyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwenkosi uZedekiya kwaJuda, ngenyanga yeshumi, inkosi uNebukhadinezari waseBhabhele nayo yonke impi yakhe, bafika eJerusalema, balivimbezela. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Njengalokho intukuthelo yami nokufutheka kwami kuthululiwe phezu kwabakhileyo eJerusalema; kanjalo ulaka lwami luyakuthululwa phezu kwenu, lapho ningena eGibithe; niyakuba yisihlamba, nesimangaliso, nesiqalekiso, nesihlamba; futhi ngeke usayibona le ndawo.