Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 37:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngoba noma benilichithe lonke ibutho lamaKaledi alwa nani, kwasala abalimele phakathi kwabo, nokho bebeyakuma, kube yilowo nalowo etendeni lakhe, awushise lo muzi ngomlilo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngokuba noma benichithile impi yonke yamaKaledi elwa nani, kwaze kwasala abantu abagwaziweyo bodwa phakathi kwabo, bona bebeyakuvuka, kube yilowo nalowo etendeni lakhe, bawushise lo muzi ngomlilo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 Noma beningayibhubhisa yonke impi yamaKhaledi alwa nani, kusale kuphela izinkubela kubo, zona beziyakuvuka, kube yileyo naleyo ethendeni layo, ziwushise ngomlilo lo muzi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 37:10
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngaphandle kwami bayokhothama phakathi kwezithunjwa, futhi bayowela phakathi kwababuleweyo. Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.


Bonke abafunyanwayo bayakuchotshozwa; bonke abazihlanganisa nabo bayakuwa ngenkemba.


Kepha wena ulahliwe ethuneni lakho njengehlumela elinengekayo, nanjengezingubo zababulewe, abagwazwe ngenkemba, behlela ematsheni omgodi; inyathelwe phansi njengesidumbu.


Abayinkulungwane bayakubalekela ukusolwa koyedwa; niyakubaleka esijezisweni sabahlanu, nize nihlale njengesibani esiqongweni sentaba nanjengebhanela egqumeni.


Ngokuba ngibhekise ubuso bami kulo muzi kube kubi, kungabi kuhle, usho uJehova; liyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, futhi iyolishisa ngomlilo.


Futhi amaKhaledi alwa nalo muzi azofika awuthungele ngomlilo lo muzi awushise kanye nezindlu abanikela phezu kophahla lwazo impepho kuBhali futhi bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa ukuze bangidlale.


Kwathi lapho impi yamaKaledi iphuma eJerusalema ngenxa yokwesaba impi kaFaro,


AmaKaledi ayakubuya alwe nalo muzi, awuthathe, awushise ngomlilo.


Ngakho yizwani icebo likaJehova alicebile ngo-Edomi; namacebo akhe awanqumile kwabakhileyo eThemani: Impela bayakukhipha omncane emhlambini; impela uyakwenza izindawo zabo zokuhlala zibe yihlane kanye nabo.


Ngakho zwanini icebo likaJehova alicebile ngeBhabhiloni; namacebo akhe awanqumile ngezwe lamaKaledi: Impela bayakuzala abancinyane emhlambini; ngokuqinisekile uyokwenza indawo yabo yokuhlala ibe yihlane kanye nabo.


Kanjalo ababuleweyo bayakuwa ezweni lamaKaledi, nabagwaziweyo ezitaladini zalo.


UJehova uwanyathele phansi onke amaqhawe ami phakathi kwami; ungibizele umhlangano wokuchoboza izinsizwa zami; uJehova unyathele phansi intombi, indodakazi yakwaJuda, njengasesikhamweni sewayini.


UJehova uyakuphakamisa izwi lakhe phambi kwebutho lakhe, ngokuba ikamu lakhe likhulu kakhulu, ngokuba unamandla owenza izwi lakhe; ngoba usuku lukaJehova lukhulu, luyesabeka kakhulu; ngubani ongakuthwala na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ