Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 36:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Mhlawumbe bayoletha ukunxusa kwabo phambi kukaJehova futhi baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngoba inkulu intukuthelo nokufutheka okukhulu uJehova akukhulumile ngokumelene nalaba bantu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Mhlawumbe ukunxusa kwabo kuyakufika phambi kukaJehova, babuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngokuba inkulu intukuthelo nokufutheka akukhulumileyo uJehova ngalaba bantu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Mhlawumbe ukunxusa kwabo kungase kufike phambi kukaSimakade, baphenduke, yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngokuba inkulu intukuthelo nolaka uSimakade akhulume ngakho kulaba bantu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 36:7
36 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Hambani, ningibuze kuJehova, mina nabantu, noJuda wonke ngamazwi ale ncwadi efunyenweyo; ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova esivuthelayo, ngokuba obaba kabalalelanga. Njengamazwi ale ncwadi, senze njengakho konke okulotshiweyo ngathi.


Ngokuba bangishiyile, bashunqisa abanye onkulunkulu, ukuze bangidlalise ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo; ngakho-ke ulaka lwami luyovuthela le ndawo, futhi ngeke lucime.


Hambani ningibuzele kuJehova, nangenxa yabaseleyo kwa-Israyeli noJuda, ngamazwi encwadi efunyenweyo; ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova ethelulwe phezu kwethu, ngokuba obaba abaligcinanga izwi likaJehova ukuba benze njengakho konke okulotshwe kule ncwadi.


Lafika futhi emihleni kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kwaze kwaba sekupheleni konyaka weshumi nanye kaSedekiya, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kwaze kwaba sekuthunjweni kweJerusalema etilongweni. Ngenyanga yesihlanu.


Uma utshela lababantu onke lawa mazwi, bayakuthi kuwe: ‘UJehova ukhulumeleni phezu kwethu bonke lobu bubi obukhulu na? noma buyini ububi bethu? Siyini isono sethu esenzileyo kuJehova uNkulunkulu wethu na?


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwalo muzi naphezu kwayo yonke imizi yawo konke okubi engikushilo ngawo, ngokuba benze lukhuni izintamo zabo ukuba bangalaleli amazwi ami.


Mina ngokwami ngiyolwa nani ngesandla eseluliweyo nangengalo enamandla, yebo, ngentukuthelo nangokufutheka nangentukuthelo enkulu.


Bathi: “Phendukani, kube yilowo nalowo endleleni yenu embi nasebubini bezenzo zenu, nihlale ezweni uJehova aninike lona nawoyihlo kuze kube phakade naphakade.”


Uma kunjalo, bayolalela, futhi yilowo nalowo aphenduke endleleni yakhe embi, ukuze ngiphenduke ebubini engihlose ukubenza kubo ngenxa yobubi bezenzo zabo.


Mhlawumbe indlu yakwaJuda iyakuzwa bonke ububi engicabanga ukubenza kubo; ukuze baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi; ukuze ngithethelele ububi babo lesono sabo.


Ngakho-ke, lalela, nkosi yami, nkosi; ukunxusa kwami makwamukeleke emehlweni akho; ukuze ungangivumeli ngibuyele endlini kaJonathani umbhali, ukuze ngingafele khona.


Zisokeleni kuJehova, nisuse ijwabu lezinhliziyo zenu, madoda akwaJuda nabakhileyo eJerusalema, ukuze ulaka lwami lungaphumi njengomlilo, luvuthe kungekho ongawucima, ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Wathi kumprofethi uJeremiya: “Isicelo sethu makwamuke phambi kwakho, usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wakho, nangenxa yonke le nsali; (ngokuba siyingcosana nje esisele kwabaningi, njengoba amehlo akho esibona;)


UJehova ulugcwalisile ulaka lwakhe; Wathulula ukufutheka kwakhe, waphemba umlilo eSiyoni, waqeda izisekelo zalo.


Ngakho-ke, ndodana yomuntu, lungisa izinto zakho ozozithatha, uzisuse emini phambi kwamehlo abo; futhi kumelwe usuke endaweni yakho uye kwenye indawo phambi kwamehlo abo;


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakudabula ngesivunguvungu ngokufutheka kwami; kuyakuba khona isihlambi esikhulu ngokufutheka kwami namatshe esichotho esikhulu ekufuthekeni kwami ukuba sikuqede.


Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, impela ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo nangolaka oluthululiweyo ngiyakubusa phezu kwenu.


Lapho bebuthela ndawonye isiliva nethusi nensimbi nomthofu nethini phakathi kwesithando ukuze kuvuthelwe umlilo phezu kwakho futhi kuncibilike; ngiyakunibutha ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami, nginishiye khona, nginincibilikise.


Ngakho ulaka lwami luzaphela, ngibeke ulaka lwami phezu kwabo, ngiduduzeke; ziyakwazi ukuthi mina, Jehova, ngikukhulumile ngokushisekela kwami, lapho sengigcwalise ukufutheka kwami kubo.


Ngalokho nami ngiyakwenza ngokufutheka; iso lami aliyikuhawukela, angiyikuba nesihawu;


Njengokulotshiweyo emthethweni kaMose konke lokhu okubi kwasehlela, kepha asikhulekanga phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu ukuba sibuye ebubini bethu, siqonde iqiniso lakho.


O Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho ulalele; vula amehlo akho, ubone ukuchithwa kwethu nomuzi igama lakho elibizwe ngawo, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu, kepha ngenxa yomusa wakho omkhulu.


Ngizohamba ngibuyele endaweni yami baze basivume isiphambeko sabo futhi bafune ubuso bami; osizini lwabo bayongifuna kusenesikhathi.


Ngakho-ke, manje, kusho uJehova, phendukani kimi ngenhliziyo yenu yonke nangokuzila ukudla nangokukhala nangokulila.


Niklebhule inhliziyo yenu, hhayi izingubo zenu, niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba unomusa, unesihe, uyabekezela, unomusa omkhulu, uyaphenduka ebubini.


Kepha umuntu nezilwane makubembeswe izingubo zokulila, kukhale kuNkulunkulu ngamandla; yebo, mababuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi nasebudloveni obusezandleni zabo.


Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti; Phendukani ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi, kepha kabalalelanga, kabangilalelanga, usho uJehova.


UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, wena uyakulala koyihlo; lababantu bayakusukuma baphinge nonkulunkulu babafokazi bezwe abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bangilahle, baphule isivumelwano sami engasenza nabo.


Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo suku, ngibashiye, ngifihle ubuso bami kubo, baqedwe, behlelwe ububi obuningi nezinsizi; ngalokho bayakuthi ngalolo suku: ‘Lokhu okubi akusehlele yini, lokhu uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ