Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 33:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Usho kanje uJehova, uMenzi wako, uJehova owakubumbayo, ukuba akuqinise; nguJehova igama lakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Usho kanje uJehova okwenzayo, uJehova okubumbayo ukuba akuqinise, nguJehova igama lakhe, uthi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 “Usho kanje uSimakade owenza umhlaba, wawubumba, wawumisa, nguSimakade igama lakhe, uthi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 33:2
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lapho uJehova elakha iZiyoni, uzabonakala enkazimulweni yakhe.


Futhi ngeSiyoni kuyakuthiwa: Lona nalowaya bazalelwa kulo, futhi oPhezukonke ngokwakhe uyoliqinisa.


Ngabonakala ku-Abrahama, ku-Isaka, nakuJakobe egameni likaNkulunkulu, uMninimandla onke, kodwa ngegama lami elithi JEHOVA ngangingaziwa kubo.


Khona-ke izithunywa zesizwe ziyoziphendula zithini? Ukuthi uJehova umisile iSiyoni, futhi abampofu babantu bakhe bayothembela kulo.


Kalizwanga yini kudala ukuthi ngakwenza njani lokhu; nasendulo ukuthi ngakubumba na? manje ngikwenzile ukuba uchithe imizi eyinqaba ibe yincithakalo.


NginguJehova, yilo igama lami; angiyikunika omunye udumo lwami, nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.


Kepha manje, isho kanje iNkosi, uMdali wakho, O Jakobe, noMbumbi wakho, O Israyeli: Ungesabi, ngokuba ngikuhlengile, ngikubizile ngegama lakho; ungowami.


Ngazibumbela laba bantu; bayakumemezela udumo lwami.


Futhi ningamniki ukuphumula, aze alimise iJerusalema, alenze libe yindumiso emhlabeni.


Oyisabelo sikaJakobe akafani nazo, ngokuba unguMbumbi wazo zonke izinto; u-Israyeli uyinduku yefa lakhe; nguJehova Sebawoti igama lakhe.


Ngakho-ke bheka, ngizabazisa ngalesi sikhathi, ngibazise isandla sami namandla ami; bazakwazi ukuthi ibizo lami linguJehova.


Wena uhawukela izinkulungwane, uphindisele ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo: oMkhulu, uNkulunkulu onamandla, uJehova Sebawoti, igama lakhe,


Oyisabelo sikaJakobe akafani nazo; ngokuba unguMbumbi wazo zonke izinto, u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe; nguJehova Sebawoti igama lakhe.


Mfuneni owenza izinkanyezi eziyisikhombisa ne-Oriyoni, ophendula ithunzi lokufa libe ukusa, afiphaze imini nobusuku, obiza amanzi olwandle, awathululele emhlabeni: nguJehova igama lakhe.


Nguye owakha izindlu zakhe ezulwini, wamisa iqembu lakhe emhlabeni; obiza amanzi olwandle, awathululele emhlabeni: nguJehova igama lakhe.


Ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu.


Kepha manje bafuna izwe elingcono, okungukuthi elasezulwini; ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.


Yangithwala ngikuMoya yaya entabeni enkulu nephakemeyo, yangikhombisa umuzi omkhulu, iJerusalema elingcwele, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu,


Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela kuNkulunkulu ezulwini, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ