Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 32:30 - Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda benzile okubi kuphela phambi kwami kwasebusheni babo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bangicunule ngomsebenzi wezandla zabo kuphela,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 “Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda benzile okubi kuphela emehlweni ami kwasebuntwaneni babo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bangicunulile kuphela ngemisebenzi yezandla zabo, usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

30 “Abantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda benze okubi kuphela phambi kwami, kusukela ebuntwaneni babo. Ngokuba abakwa-Israyeli akukho okunye abakwenzile ngaphandle kokungicunula ngemisebenzi yezandla zabo, kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 32:30
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

INkosi yezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuwuqalekisa umhlaba ngenxa yomuntu; ngokuba imicabango yenhliziyo yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; futhi angisayikuphinda ngishaye zonke izinto eziphilayo njengoba ngenzile.


Kepha bahlubuka, bahlupha uMoya wakhe oNgcwele; ngalokho waba yisitha sabo walwa nabo.


Ngokuba uJehova Sebawoti owakutshala ukhulumile okubi ngawe ngenxa yobubi bendlu yakwa-Israyeli nendlu yakwaJuda ababenza bona ukuba bangicunule ngokushisela uBali impepho.


“Nganingenisa ezweni elinala, ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo; kepha lapho ningena, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.


Ngakhuluma kuwe usenenhlanhla; kodwa wena wathi: Kangifuni ukuzwa. Lokhu kwakuyindlela yakho kwasebusheni bakho, ukuthi awuzange ulalele izwi lami.


Ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze, nibakhonze, ningangidlali ngemisebenzi yezandla zenu; futhi angiyikunenza okubi.


Kodwa aningilalelanga, usho uJehova; ukuze ningigcone ngemisebenzi yezandla zenu kube ukulimaza kwenu.


Silala phansi sinamahloni, ihlazo lethu lisibekele; ngokuba sonile kuJehova uNkulunkulu wethu, thina nawobaba, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.


Zonke izithandwa zakho sezikukhohliwe; abafuni Wena; ngokuba ngikushayé ngomvimbo wesitha, ngokujezisa kononya, ngenxa yobuningi bobubi bakho; ngoba izono zenu zandile.


Zithathele umqulu, ulobe kuwo wonke amazwi engawakhuluma kuwe ngo-Israyeli, ngoJuda, nangokumelene nazo zonke izizwe, kusukela osukwini engakhuluma ngalo kuwe, kusukela ezinsukwini zikaJosiya kuze kube manje usuku.


Ngenxa yobubi babo ababenzayo ukungithuka, ngokuya bashisa impepho, bakhonza abanye onkulunkulu ababengabazi, bona, nina, nawoyihlo.


Ngokuba nangicunula ngemisebenzi yezandla zenu ngokushisela abanye onkulunkulu impepho ezweni laseGibithe enangena kulo ukuba nigogobale kulo, ukuba nizinqume, nibe yisiqalekiso nesihlamba phakathi kwazo zonke izizwe zomhlaba?


Bhekani izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami phezu kwabakhileyo ezweni elikude, lithi: “Akakho uJehova eSiyoni na? Inkosi yayo ayikho kuye na? Bangiklolodelani ngezithombe zabo ezibaziweyo nangezithombe eziyize ezingaziwa na?


Ngokuba lapho ngibangenisa ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, babona onke amagquma aphakemeyo nemithi yonke eminyeneyo, banikela khona imihlatshelo yabo, bahlanjalazwa khona. Umhlatshelo; benza khona iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.


Kepha bangihlubuka, abangilalelanga; abalahlanga, kwaba yilowo nalowo izinengiso emehlweni abo, ababashiyanga onkulunkulu baseGibithe; ukuthukuthela kwami phezu kwabo phakathi kwezwe laseGibithe.


Bafeba eGibithe; bafeba ebusheni babo; kwacindezelwa khona amabele abo, balimaza khona isifuba sobuntombi babo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ