Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 32:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngaloba ubufakazi, ngabunamathelisa, ngathatha ofakazi, ngamkala imali esikalini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngaloba incwadi, ngayinamathelisa, ngazifakazisela, ngamlinganisela imali ngesilinganiso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 Ngaloba incwadi, ngayisicilela, ngenza ukuba kube nofakazi, ngamkalela isiliva ngesilinganiso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 32:10
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrahama wamlalela u-Efroni; U-Abrahama wamlinganisela u-Efron isiliva abeyikhulume ezindlebeni zamadodana kaHeti, amashekele angamakhulu amane esiliva, imali evunywayo kumthengisi.


Isiqephu sezwe nomhume okuwo kwanikwa u-Abrahama amadodana kaHeti kube yindawo yethuna.


Isiphambeko sami sivalelwe esikhwameni, wena wenza ububi bami.


Ngibeke njengophawu enhliziyweni yakho, njengophawu engalweni yakho, ngokuba uthando lunamandla njengokufa; Umhawu unonya njengeHayidesi: amalahle awo angamalahle omlilo alangabi elinamandla.


Manje hamba, ukulobe phambi kwabo esibhebheni, ukusayine encwadini, kube ngokwesikhathi kuze kube phakade naphakade.


Omunye uyakuthi: “NgingokaJehova; omunye uzambiza ngebizo likaJakobe; futhi omunye kumelwe asayine uJehova ngesandla sakhe futhi ambize ngegama lika-Israyeli.


Ngamnika uBaruki indodana kaNeriya indodana kaMahaseya ubufakazi bokuthengisa phambi kwamehlo kaHanameli indodana kababekazi naphambi kofakazi ababesayine incwadi yokuthengisa phambi kwabo. Wonke amaJuda ayehlezi enkantolo yetilongo.


Wathi kimi: ‘Nkosi Jehova, zithengele isiqephu sezwe ngemali, uthathe ofakazi; ngoba umuzi wanikelwa esandleni samaKaledi.


Abantu kumelwe bathenge amasimu ngemali futhi basayine izincwadi futhi babeke uphawu, futhi bathathe ofakazi ezweni lakwaBenjamini nasezindaweni ezizungezile eJerusalema nasemizini yakwaJuda nasemizini yasezintabeni nasemizini yasesigodini nasemadolobheni asesigodini. Imizi yaseningizimu, ngokuba ngiyakushintsha isabelo sayo,” usho uJehova.


Umbono wokuhlwa nokusa okukhulunyiweyo uqinisile; ngoba kuzakuba yinsuku ezinengi.


Bahamba-ke, baligcina ithuna, bebeka uphawu etsheni, nabalindi.


Owamukele ubufakazi bakhe ubeke uphawu lokuthi uNkulunkulu uqinisile.


Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kodwa ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyonipha khona iNdodana yomuntu;


owasibeka uphawu futhi, wasinika isibambiso sikaMoya enhliziyweni zethu.


Enimethembayo nani, seselizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu;


Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.


Akubekelwanga yini kimi, kwabekwa uphawu phakathi kwengcebo yami na?


Amadoda ahamba adabula izwe, alibhala ngemizi ngezigaba eziyisikhombisa encwadini, abuyela kuJoshuwa empini eShilo.


Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezazinikiwe ukuba zilimaze umhlaba nolwandle.


Kwasekulaywa ukuthi zingoni utshani bomhlaba, loba yini eluhlaza, loba yisiphi isihlahla; kodwa yilabo kuphela abantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo.


UBhowazi wayesekhuphukela esangweni, wahlala khona; owathi kuye: O, onjalo! phambuka, uhlale lapha. Wasuka wahlala phansi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ