Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 30:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakubuyisa isiphetho samatende kaJakobe, ngihawukele izindlu zakhe; umuzi uyakwakhiwa phezu kwethemba lawo, nesigodlo sime endleleni yawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “Usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Bheka, ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwamatende kaJakobe, ngiwahawukele amakhaya akhe; umuzi uyakwakhiwa enxiweni lawo, indlu yamakhosi ihlale njengokufaneleyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 “Usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Bheka, ngizokuqeda ukuthunjwa kwamathende kaJakobe, ngiwahawukele amakhaya akhe; umuzi uyokwakhiwa egqumeni lawo, isigodlo sihlale njengokufaneleyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 30:18
38 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi uDavide yathi kulo lonke ibandla: “USolomoni indodana yami, yena yedwa uNkulunkulu amkhethileyo, usemusha, uthambile, nomsebenzi mkhulu, ngokuba isigodlo asisona esabantu, kodwa ngekaJehova uNkulunkulu.


Unike uSolomoni indodana yami inhliziyo epheleleyo ukugcina imiyalo yakho, nobufakazi bakho, nezimiso zakho, yenze zonke lezi zinto, akhe indlu yobukhosi engiyilungisile.


Umuzi wawumkhulu, ubanzi, kepha abantu babembalwa kuwo, nezindlu zingakakhiwa.


Uzasukuma ube lomusa eZiyoni, ngoba isikhathi sokulithokozisa, yebo, isikhathi esimisiweyo sesifikile.


Ngokuba izinceku zakho zijabulela amatshe alo, zithokozile othulini lwazo.


Ukuthula kuphakathi kwezindonga zakho nempumelelo phakathi kwezigodlo zakho.


Bhekani izinqaba zalo, nibheke izindlu zalo zobukhosi; ukuze nisitshele isizukulwane esizayo.


UNkulunkulu waziwa ezindlini zayo zobukhosi njengendawo yokuphephela.


Yakha indlu yayo engcwele njengezigodlo eziphakemeyo, njengomhlaba awumisayo kuze kube phakade.


Kumholi wokuhlabelela, ihubo lamadodana kaKora. Jehova, wawuyintokozo ezweni lakho, wabuyisa isiphetho sikaJakobe.


oqinisa izwi lenceku yakhe nofeza icebo lezithunywa zakhe; othi kulo iJerusalema: Liyakuhlalwa; nasemizini yakwaJuda: Niyakwakhiwa, ngivuse izindawo zayo ezidilikileyo.


Othi ngoKoresi: Ungumalusi wami; nasethempelini: Isisekelo sakho siyakubekwa.


Ngiyakubutha insali yezimvu zami emazweni onke engizixoshele kuzo, ngizibuyisele ezibayeni zazo; bayakuzala, bande.


Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabangayo ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula, kungabi ngeyokubi ukuba ngininike ithemba.


Ngiyakufunyanwa kini, usho uJehova; ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwenu, nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho enginixoshele khona,” usho uJehova; ngizalibuyisela endaweni lapho enganithumbela khona.


Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli noJuda,” usho uJehova; ngiyakubabuyisela ezweni engalinika oyise, balidle.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Nokho, leli zwi bayakulisebenzisa ezweni lakwaJuda nasemizini yalo, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabo; UJehova makakubusise, wena khaya lokulunga nentaba yobungcwele.


Bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho umuzi uyakwakhelwa uJehova, kusukela embhoshongweni kaHananeli kuze kube seSangweni Legumbi.


Ngiyakubuye ngikwakhe, wakhiwe wena ntombi yakwa-Israyeli; uzophinde uhlotshiswe ngamatende akho futhi uphume ngengoma yenjabulo.


Sonke isigodi sezidumbu nesomlotha, nawo wonke amasimu kuze kube semfuleni iKidroni, kuze kufike ekhoneni leSango Lamahhashi ngasempumalanga, kuyakuba ngcwele kuJehova; kayisoze yasitshulwa kumbe yadilizwa futhi.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Izindlu namasimu nezivini kuyakubuye kuthathwe njengefa kuleli zwe.


Abantu kumelwe bathenge amasimu ngemali futhi basayine izincwadi futhi babeke uphawu, futhi bathathe ofakazi ezweni lakwaBenjamini nasezindaweni ezizungezile eJerusalema nasemizini yakwaJuda nasemizini yasezintabeni nasemizini yasesigodini nasemadolobheni asesigodini. Imizi yaseningizimu, ngokuba ngiyakushintsha isabelo sayo,” usho uJehova.


Izwi lenjabulo nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi likamakoti, izwi lalabo abathi: “Dumisani uJehova Sebawoti, ngokuba uJehova muhle; ngokuba umusa wakhe umi phakade nowabaletha umnikelo wokudumisa endlini kaJehova. Ngoba ngizobuyisela isiphetho sezwe njengoba sasinjalo ekuqaleni,” kusho uJehova.


Futhi ngiyobuyisa ukuthunjwa kukaJuda nokuthunjwa kuka-Israyeli ngibakhe njengasekuqaleni.


Kepha ungesabi, nceku yami Jakobe, futhi ungapheli amandla, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakuhlenga ezweni elikude, nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, abe nokuthula, aphumule, akakho omesabisayo.


Kodwa ekupheleni kwezinsuku ngizabuyisela isabelo se-Elamu,” kutsho uJehova.


Ngasemuva ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantwana bakwa-Amoni,” usho uJehova.


Ngiyakwandisa phezu kwenu abantu nezilwane; futhi bayokwanda futhi bathele izithelo; ngiyakunenza njengempahla yenu endala, ngenze kangcono kunakuqala; nizokwazi ukuthi nginguJehova.


Ngiyobuyisela ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli, futhi bayokwakha imizi ebhuqiwe bahlale kuyo; bayakutshala izivini, baphuze iwayini lazo; bayotshala izivande badle izithelo zazo.


Yayisiphendula ingelosi kaJehova, yathi: “Jehova Sebawoti, koze kube nini ungahawukeli iJerusalema nemizi yakwaJuda osuyithukuthelele le minyaka engamashumi ayisithupha na?


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Ngibuyele eJerusalema ngomusa; indlu yami iyakwakhiwa kulo,” usho uJehova Sebawoti, kwelulwe umucu phezu kweJerusalema.


Ngalolo suku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe njengeziko phakathi kwezinkuni nanjengobhaqa esithungwini; ziyodla bonke abantu nxazonke, kwesokudla nakwesokunxele, futhi iJerusalema liyophinde lihlalwe endaweni yalo, eJerusalema.


UJehova uyakuqale asindise amatende akwaJuda, ukuze inkazimulo yendlu kaDavide nenkazimulo yabakhileyo eJerusalema ingaphakamisi phezu kukaJuda.


Izwe lonke liyakuguqulwa libe njengethafa kusukela eGeba kuze kube seRimoni eningizimu yeJerusalema; liyophakanyiswa, lihlalwe endaweni yalo, kusukela eSangweni lakwaBenjamini kuze kube sendaweni yesango lokuqala, kuze kufike eSangweni Legumbi naseMbhoshongweni. Kusukela kuHananeli kuze kufike ezikhamweni zewayini zenkosi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ