Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 30:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Zonke izithandwa zakho sezikukhohliwe; abafuni Wena; ngokuba ngikushayé ngomvimbo wesitha, ngokujezisa kononya, ngenxa yobuningi bobubi bakho; ngoba izono zenu zandile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe, azisakufuni, ngokuba ngikushayile ngokushaywa kwezitha, ngokulaywa kononya, ngenxa yobuningi bokona kwakho, nangokuba izono zakho zandile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe, azisakufuni, ngokuba ngikushaye njengesitha, ngakuyala njengononya, ngenxa yobukhulu bokona kwakho, nangenxa yobuningi bezono zakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 30:14
38 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyangidwengula ngolaka lwakhe, ongizondayo; ungigedlele amazinyo; isitha sami singigqolozele.


Futhi wangivuthela intukuthelo yakhe, wangibheka njengesinye sezitha zakhe.


Ube nesihluku kimi; ngesandla sakho esinamandla uyamelana nami.


Iziwula zicindezelwe iziphambeko zazo nangenxa yobubi bazo.


Lapho ubiza, izixuku zakho mazikusindise; kepha umoya uyakuzisusa zonke; kepha othembela Kimi uyakudla ifa lomhlaba, adle ifa lentaba yami engcwele;


Ngakho wokhuluma leli zwi kubo; Amehlo ami mawageleze izinyembezi imini nobusuku, angayeki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, yephukile ngezinyembezi ezinkulu, ngokushaywa okunzima kakhulu.


Kungani uzimisele kangaka ukuguqula izindlela zakho? uyakuba namahloni ngeGibithe, njengalokho waba namahloni nge-Asiriya.


Khuphukela eLebanoni, ubize; phakamisa izwi lakho eBashani, ukhale usemasimini, ngokuba zonke izithandwa zakho zichithiwe.


Umoya uyakuqeda bonke abelusi bakho, nezithandwa zakho ziya ekuthunjweni; impela lapho uyakuba namahloni, ube namahloni ngabo bonke ububi bakho.


Ukhalelani ngosizi lwakho? usizi lwakho alunakwelashwa ngenxa yobuningi bobubi bakho; ngoba izono zenu zandile, ngenzile lezizinto kini.


Futhi amaKhaledi alwa nalo muzi azofika awuthungele ngomlilo lo muzi awushise kanye nezindlu abanikela phezu kophahla lwazo impepho kuBhali futhi bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa ukuze bangidlale.


Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda benzile okubi kuphela phambi kwami kwasebusheni babo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bangicunule ngomsebenzi wezandla zabo kuphela,” usho uJehova.


Kodwa bamisa izinengiso zabo endlini ebizwa ngebizo lami, ukuze bayingcolise.


Bakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba badabulise amadodana abo namadodakazi abo emlilweni ngenxa kaMoloki; engingabayalanga, nokungangenanga enhliziyweni yami ukuthi bayakwenza lesi sinengiso ukuba benze uJuda one.


Futhi bheka, bonke abesifazane abasele endlini yenkosi yakwaJuda bayolethwa ezikhulwini zenkosi yaseBhabhiloni, futhi labo besifazane bayothi: ‘Abangane bakho bakuhlasele futhi bakunqobile; izinyawo zakho zashona odakeni, zabuyela emuva.


Njalo uba uphangiwe, uzakwenzani? Noma ugqoka okubomvu, noma uvunula ngezivunulo zegolide, noma uklebhula ubuso bakho ngopende, uyakuhlobisa ngeze; izithandwa zakho ziyakudelela, zifune ukuphila kwakho.


ukuze uJehova angabe esakwazi ukukuthwala ngenxa yobubi bezenzo zenu nangenxa yezinengiso enazenzayo; ngalokho izwe lenu liyihlane, nesimangaliso, nesiqalekiso, alinamuntu ohlala khona, njenganamuhla.


Ngiyakuziyisa kwabakhulu, ngikhulume nabo; ngokuba babeyazi indlela kaJehova nomthetho kaNkulunkulu wabo; kodwa balaphula ngokupheleleyo ijoka futhi bagqabula izibopho.


Ngakho ingonyama yasehlathini iyababulala, impisi yakusihlwa iyakubaphanga; ingwe iyakulinda imizi yabo, bonke abaphuma khona badwengulwe, ngokuba iziphambeko zabo nezinengiso zabo ziningi iyanda.


Bayobamba umnsalo nejula; banonya futhi ngeke babonise umusa; izwi labo liyohlokoma njengolwandle, futhi bayogibela amahhashi, yilowo nalowo ebhince izikhali njengendoda yokulwa, ngokumelene nawe, ndodakazi yaseBhabhiloni.


Bayakuthatha umnsalo nomkhonto; banonya futhi abanasihe; izwi labo liduma njengolwandle; bagibele amahhashi, behlomele njengamadoda okulwa nawe, ndodakazi yaseSiyoni.


Ngabiza izithandwa zami, kodwa zangikhohlisa;


Ukhala kakhulu ebusuku, izinyembezi zakhe zisezihlathini zakhe; phakathi kwazo zonke izithandwa zakhe akakho omduduzayo; bonke abangane balo bamkhohlisile, baba yizitha zalo.


Yeka indlela uJehova amboza ngayo indodakazi yaseSiyoni ngokuthukuthela kwakhe ngefu, wawisa ubuhle buka-Israyeli emhlabeni busuka ezulwini, futhi akasikhumbulanga isenabelo sezinyawo zakhe ngosuku lwentukuthelo yakhe!


Ngalokho, Oholiba, isho kanje iNkosi uJehova; Bheka, ngiyakuvusela izithandwa zakho ezisukile kuzo inhliziyo yakho, ngizilethe kuwe zivela nxazonke;


Ngakho ngamnikela esandleni sezithandwa zakhe, esandleni sama-Asiriya ayewalangazelela.


Yebo, wonke u-Israyeli weqile umthetho wakho, yebo, ngokuhamba, ukuze angalilaleli izwi lakho; ngalokho isiqalekiso sithululelwe phezu kwethu nesifungo esilotshwe emthethweni kaMose inceku kaNkulunkulu, ngokuba sonile kuye.


Njengokulotshiweyo emthethweni kaMose konke lokhu okubi kwasehlela, kepha asikhulekanga phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu ukuba sibuye ebubini bethu, siqonde iqiniso lakho.


Sonile, senza ububi, senza okubi, sahlubuka ngokuphambuka emiyalweni yakho nasezimisweni zakho zokwahlulela.


Ngoba unina uphingile; owawazala wenza okuhlazisayo; ngokuba wathi: “Ngiyakulandela izithandwa zami ezinginika isinkwa sami namanzi ami, uboya bezimvu bami nelineni lami, amafutha ami nesiphuzo sami.”


Ngokuba ngiyoba njengengonyama ku-Efrayimi nanjengebhongo lengonyama endlini kaJuda; nami ngiyakuklebhula, ngimuke; ngiyakususa, akakho oyomsindisa.


Wonke amadoda esivumelwano sakho akulethile emngceleni; abantu ababenokuthula nawe bakukhohlisile, bakwehlula; abadla isinkwa sakho babeke inxeba phansi kwakho; akukho ukuqonda kuye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ