Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 3:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngempela, insindiso ithenjwa ize evela emagqumeni nasebuningini bezintaba; ngempela, ikuJehova uNkulunkulu wethu ukusindiswa kuka-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Impela amagquma ayize kanye nomsindo wasezintabeni. Ngokwempela ukusindiswa kuka-Israyeli kukuJehova uNkulunkulu wethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 Impela amagquma ayize nomsindo wezintaba. Ngokwempela, ukusindiswa kuka-Israyeli kukuSimakade uNkulunkulu wethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 3:23
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Insindiso ingekaJehova; isibusiso sakho masibe phezu kwabantu bakho. Sela.


KuNkulunkulu insindiso yami nodumo lwami; idwala lamandla ami nesiphephelo sami likuNkulunkulu.


Ihhashi lilungiselwe usuku lwempi, kepha ukuphepha kuvela kuJehova.


Ngalolo suku insali yakwa-Israyeli nabaphunyukileyo bendlu kaJakobe abayikusala kuye owabachitha; kodwa iyohlala ngeqiniso kuJehova, oNgcwele ka-Israyeli.


Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakwethemba, ngingesabi, ngokuba iNkosi uJehova ingamandla ami nehubo lami; waba yinsindiso yami.


Mina, mina, nginguJehova; futhi ngaphandle kwami akakho umsindisi.


Abenza izithombe ezibaziweyo bayize; nezinto zabo ezimnandi ngeke zisize; futhi bangofakazi babo; ababoni futhi abazi; ukuze babe lenhloni.


Impela wena unguNkulunkulu ozifihlayo, Nkulunkulu ka-Israyeli, uMhlengi.


Kepha u-Israyeli uyakusindiswa ngoJehova ngensindiso yaphakade;


Buthanani nize; sondelani kanyekanye nina enibalekele ezizweni!


Ngubani lo ovela kwa-Edomi, nezingubo ezidayiwe zaseBozira na? lowo okhazimulayo engutsheni yakhe uhamba ebukhulu bamandla akhe? Mina engikhuluma ngokulunga nginamandla okusindisa.


Isibili wena ungubaba wethu, lanxa uAbrahama engasazi, loIsrayeli engasazi; Wena Jehova ungubaba, ungumsindisi wethu; igama lakho likhona kwaphakade.


O themba lika-Israyeli, msindisi wakhe ngesikhathi sokuhlupheka, kungani uyakuba njengomfokazi ezweni nanjengomhambi ophambukela ukulala ubusuku bonke na?


Ngiphulukise, Jehova, ngiyakuphiliswa; ngisindise, ngiyakusindiswa, ngokuba wena uludumo lwami.


Lapho abantwana babo bekhumbula ama-altare abo nezixuku zabo ngasemithini eluhlaza emagqumeni aphakeme.


INkosi yasisithi kimi emihleni yenkosi uJosiya: Ubonile yini akwenzileyo umchasi uIsrayeli? wakhwela phezu kwazo zonke izintaba eziphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, wafeba khona.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Hlabelelani ngoJakobe, nithabe phakathi kwezinduna zezizwe; memezelani, nidumise, nithi: Jehova, sindisa abantu bakho, insali yakwa-Israyeli!


Ngokuba lapho ngibangenisa ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, babona onke amagquma aphakemeyo nemithi yonke eminyeneyo, banikela khona imihlatshelo yabo, bahlanjalazwa khona. Umhlatshelo; benza khona iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.


Kodwa ngiyohawukela indlu yakwaJuda futhi ngiyophule ngoJehova uNkulunkulu wayo, futhi ngeke ngibakhulule ngomnsalo noma ngenkemba noma ngempi, ngamahhashi noma ngezinkweli zamahhashi.


Nina nikhuleka eningakwaziyo; thina esimkhonzayo siyakwazi, ngokuba ukusindiswa kuvela kumaJuda.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ