Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 23:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaprofethi abaprofetha kini; bakwenza ize; bakhuluma umbono ophuma ezinhliziyweni zabo, hhayi ophuma emlonyeni kaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaprofethi abaprofetha kini; banifundisa okuyize, bakhuluma umbono wenhliziyo yabo, kungengokuvela emlonyeni kaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaphrofethi abaphrofetha kini; bayanikhohlisa, bakhuluma umbono wenhliziyo yabo, hhayi okuphuma emlonyeni kaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 23:16
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USedekiya indodana kaKhenana wazenzela izimpondo zensimbi, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngalezi uyakuqhubukusha ama-Aramu uze uwaqede.


Bazenqaba izimiso zakhe nesivumelwano sakhe asenza nawoyise nobufakazi bakhe abufakaza ngabo; balandela okuyize, baba yize, balandela izizwe ezazibazungeza, uJehova abayala ngazo ukuba bangenzi njengalokho abakwenzayo.


Ngakho inkosi yakwa-Israyeli yabiza abaprofethi abangamakhulu amane, yathi kubo: “Sihambe siyekulwa neRamoti kwaGileyadi, noma ngiyishiye yodwa na? Bathi: Yenyukani; ngoba uNkulunkulu uzalinikela esandleni senkosi.


Yeka, ndodana yami, ukuzwa ukusola okudukisa emazwini olwazi.


Wayesethi uJehova kimi: “Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga, futhi angibayalanga, angikhulumanga kubo; ezinhliziyweni zabo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Buni ububi oyihlo ababufumana kimi, baze basuka kude nami, balandela okuyize, baba yize, na?


Angibathumanga abaprofethi, kodwa bagijima; angikhulumanga kubo, nokho baprofetha.


Koze kube nini enhliziyweni yabaprofethi abaprofetha amanga na? yebo, bangabaprofethi benkohliso yenhliziyo yabo;


Ngokuba benze ububi kwa-Israyeli, baphinga nabafazi babakhelwane babo, bakhuluma amazwi amanga egameni lami engingabayalanga ngawo; nami ngiyakwazi, ngingufakazi,” usho uJehova.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Maningakhohliswa abaprofethi benu nabathakathi benu abaphakathi kwenu, ningawalaleli amaphupho enu eniwaphuphayo.


Ngubani umuntu ohlakaniphileyo ongakuqonda lokhu na? futhi ngubani lo okhulunywe kuye umlomo kaJehova ukuba akumemezele lokhu, ngoba izwe lichithiwe futhi lishiswe njengehlane elingadluli muntu na?


Ngakho yizwani izwi likaJehova nina besifazane, nilalele izwi lomlomo wakhe, nifundise amadodakazi enu isililo, kube yilowo nalowo komakhelwane bakhe ingoma yokulila.


Amasango alo acwile emhlabathini; imigoqo yakhe wayichitha, wayiphula; inkosi yalo nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe; umthetho awusekho; abaprofethi bawo ababufumani ubuso bukaJehova.


Laba bangabaprofethi bakwa-Israyeli abaprofetha ngeJerusalema, babone ubuso balo bokuthula, kepha akukho ukuthula, isho iNkosi uJehova.


Ngalokho anisayikubona okuyize nokubhula; ngokuba ngiyakubasindisa abantu bami esandleni sakho, nazi ukuthi nginguJehova.


Isho kanje iNkosi uJehova; Maye kubaprofethi abayiziwula abalandela owabo umoya kodwa ababonanga lutho!


Babona okuyize nokubhula kwamanga abathi: “UJehova ukhulumile, uJehova kabathumanga; futhi benza abanye babe nethemba lokuthi bayoliqinisa izwi.


Abaprofethi bawo bazinameke ngodaka olulukhuni, bebona ngeze, beprofetha amanga kubo, bethi: Isho kanje iNkosi uJehova, uJehova engakhulumanga.


Uma ohamba ngomoya aqambe amanga ethi: ‘Ngiyakuprofetha kini ngewayini nangophuzo olunamandla; uzakuba ngumprofethi walababantu.


Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.


Ngokuba sebemazi uNkulunkulu, kabamdumisanga njengoNkulunkulu, kababonganga; kodwa baba yize emicabangweni yabo, nenhliziyo yabo ewubuwula yaba mnyama.


Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ