Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 20:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngase ngithi: “Angisayikumkhuluma, angisayikukhuluma egameni lakhe.” Kepha izwi lakhe lalinjengomlilo ovuthayo ovalelwe emathanjeni ami enhliziyweni yami;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Lapho ngithi: “Angisayikumkhumbula, ngingasakhulumi egameni lakhe,” kusenhliziyweni yami njengomlilo oshisayo, uvalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukubekezela, angikwazi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Lapho ngithi: “Angisayukumkhumbula, angisayukukhuluma egameni lakhe,” izwi lakhe linjengomlilo ovuthayo enhliziyweni yami, ovalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukulibamba, angikwazi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 20:9
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inhliziyo yami yafudumala phakathi kwami, lapho ngicabanga umlilo ovuthayo; ngase ngikhuluma ngolimi lwami.


Izwi lami alinjengomlilo na? kusho uJehova; nanjengesando esiphula idwala?


Inhliziyo yami yephukile phakathi kwami ngenxa yabaprofethi; onke amathambo ami ayathuthumela; Nginjengomuntu odakiwe futhi njengomuntu onqobile iwayini ngenxa kaJehova nangenxa yamazwi akhe angcwele.


Amathumbu ami, amathumbu ami! Ngibuhlungu enhliziyweni yami; inhliziyo yami ixokozela phakathi kwami; Angikwazi ukuthula, ngokuba uzwile, mphefumulo wami, ukukhala kwecilongo, ukukhala kwempi.


Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova; ngikhathele ukuzibamba; ngiyakuthululela phezu kwabantwana bangaphandle naphezu kwenhlangano yezinsizwa kanyekanye;


UMoya wangiphakamisa, wangisusa; ngahamba nginomunyu ekushiseni komoya wami; kepha isandla sikaJehova sasinamandla phezu kwami.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, isisu sakho masidle, ugcwalise izibilini zakho ngalo msebenzi engikunika wona. Ngabe sengisidla; yayisemlonyeni wami njengoju lwezinyosi, ibe mnandi.


Ingonyama ibhongile, ngubani ongayikwesaba na? iNkosi uJehova ikhulumile, ngubani ongayikuprofetha na?


Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze ngawo; ngoba ububi babo bukhuphukele phambi kwami.


Kepha uJona wasuka ukuba abalekele eTharishishi ebusweni bukaJehova, wehlela eJopha; wathola umkhumbi owawuya eTharishishi, wakhokha imali yokugibela, wangena kuwo, ukuze ahambe nawo, aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova.


UJesu wathi kuye: “Akakho othi esebeké isandla sakhe egejeni, abuke emuva, ofanele umbuso kaNkulunkulu.


Kwathi uPawuli esabalindile eAthene, umoya wakhe wakhathazeka phakathi kwakhe ebona umuzi ugcwele izithombe.


Kwathi sebefikile oSila loThimothewu bevela eMakedoniya, uPawulu wacindezeleka emoyeni, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu.


Ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ