Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 20:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kepha uJehova unami njengeqhawe elinamandla; ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka, bangahluli; ngokuba abayikuphumelela, ihlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo; ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka, bangangahluli; bayakuba namahloni kakhulu, ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha, nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Kepha uSimakade unami njengeqhawe elinamandla, ngakho-ke abangizingelayo bayakukhubeka, abayukungehlula; bayakuba namahloni amakhulu, ngokuba abayukuphumelela, nehlazo labo eliphakade aliyukulibaleka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 20:11
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bangicindezela kaningi kwasebusheni bami, kepha abazange banginqobe.


Mabame benamahloni, bajabhe kanyekanye abathokoza ngeshwa lami; mabembeswe ihlazo nehlazo abangikhulisa ngalo.


Mabame benamahloni kanyekanye, babe namahloni abafuna umphefumulo wami ukuwubhubhisa; mababuyiselwe emuva bajabhe abangifisela okubi.


Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka; uyiNkosi enkulu emhlabeni wonke.


Zonke izitha zami mazijabhe, zithukuthele kakhulu; mabebuya bema ngokuphazima kweso benamahloni.


Ngezinto ezesabekayo ekulungeni uyakusiphendula, Nkulunkulu wensindiso yethu; eyithemba layo yonke imikhawulo yomhlaba neyabakude nolwandle;


Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu; uyesabeka ngezenzo zakhe kubantwana babantu.


Ningesabi; ngoba mina nginani; ningethuki; ngoba nginguNkulunkulu wenu; Ngizokuqinisa; yebo, ngizokusiza; yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Ungesabi wena sibungu Jakobe, nani madoda akwa-Israyeli! ngiyakusiza, usho uJehova, noMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli.


Bayokuma benamahloni futhi beme benamahloni, bonke;


Ngokuba bheka, ngikwenzé namuhla ube ngumuzi ovikelekileyo, nensika yensimbi, nezindonga zethusi phezu kwezwe lonke, naphezu kwamakhosi akwaJuda, naphezu kwezikhulu zalo, naphezu kwabapristi balo, nakubantu bezwe.


Futhi bayokulwa nawe; kepha aziyikukuhlula; ngoba mina nginawe, usho uJehova, ukuze ngikusindise.


Ungabesabi ubuso babo, ngokuba nginawe ukuba ngikusindise,” usho uJehova.


O Jehova, uyakwazi lokhu; ngikhumbule, ungihambele, ungiphindisele kwabangizingelayo; ungangisusi ekubekezeleni kwakho; yazi ukuthi ngijezisiwe ngenxa yakho.


Ngiyakukwenza ugange lwethusi olubiyelweyo kulaba bantu; bayakulwa nawe, kepha abayikukwehlula; ngokuba nginawe ukuba ngikukhulule, ngikusindise,” usho uJehova.


Mabajabhe abangizingelayo, kepha mina mangingajabhi; mabeme bethukile, kepha mina mangingathuki; wehlisele phezu kwabo usuku olubi, ubabhubhise ngokuchitha kabili.


Umoya uyakuqeda bonke abelusi bakho, nezithandwa zakho ziya ekuthunjweni; impela lapho uyakuba namahloni, ube namahloni ngabo bonke ububi bakho.


Ngiyakwehlisela phezu kwenu isihlamba esiphakade nehlazo eliphakade elingayikukhohlakala.


Wena uhawukela izinkulungwane, uphindisele ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo: oMkhulu, uNkulunkulu onamandla, uJehova Sebawoti, igama lakhe,


Abaningi kwabalele othulini lomhlaba bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ehlazweni nasekudelweni okuphakade.


Pho siyakuthini ngalezi zinto na? Uma uNkulunkulu engakithi, ngubani ongamelana nathi na?


Nokho iNkosi yema nami, yangiqinisa; ukuze ngami ivangeli laziwe ngokugcwele, nezizwe zonke zizwe; ngakhululwa emlonyeni wengonyama.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ