Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 2:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngokuba ngaphulile ijoka lakho endulo, ngaphula izibopho zakho; wena wathi: Kangiyikweqa; lapho nizulazula niphinga kuwo wonke amagquma aphakeme naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 “Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo, wazigqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyikukhonza.’ Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza walala njengesifebe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 “Ngokuba kwasemandulo walephula ijoka lakho, wagqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyukukhonza.’ Ngokuba kuwo wonke amagquma aphakemeyo, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, walala njengesifebe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 2:20
50 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJerobowamu wenza umkhosi ngenyanga yesishiyagalombili ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga njengomkhosi wakwaJuda, wanikela ngomhlatshelo e-altare. Wenza njalo eBethele ngokuhlabela amathole awenzileyo; wamisa eBethele abapristi bezindawo eziphakemeyo abezenzile.


Bazakhela nabo izindawo eziphakemeyo, nezithombe, neziqu zemithi phezu kwawo wonke amagquma aphakeme naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.


Wabakhipha ebumnyameni nasethunzini lokufa, wagqabula izibopho zabo.


Masigqabule izibopho zabo, silahle izintambo zabo kithi.


Bamthukuthelisa ngokuphakama kwabo, bamvusela intukuthelo ngezithombe zabo ezibaziweyo.


Bonke abantu baphendula kanyekanye bathi: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza.” UMose wabuyisela amazwi abantu kuJehova.


UMose wayesefika, wabatshela abantu onke amazwi kaJehova nezimiso zonke; abantu bonke baphendula ngazwi linye, bathi: “Onke amazwi uJehova awakhulumile siyakuwenza.”


Futhi ngehla ukuze ngibasindise esandleni sabaseGibhithe futhi ngibaqeqeshe baphume kulelo zwe ngibayise ezweni elihle nelikhulu, ezweni elichichima ubisi nezinyosi; endaweni yamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi;


Yeka ukuthi umuzi othembekile usuphenduke kanjani isifebe! laligcwele ukwahlulela; ukulunga kwahlala khona; kodwa manje bangababulali.


Kuyothi ngalolo suku umthwalo wakhe ususwe ehlombe lakho, nejoka lakhe entanyeni yakho, futhi ijoka liyobhujiswa ngenxa yokugcotshwa.


ukuthi ngiyakwephula umAsiriya ezweni lami, ngimnyathele ezintabeni zami; khona ijoka lakhe liyakumuka kubo, nomthwalo wakhe emahlombe abo.


Ngokuba wephulile ijoka lomthwalo wabo nodondolo lwamahlombe abo, nozime lomcindezeli wabo, njengasosukwini lukaMidiyani.


Ngikubonile ukuphinga kwakho ngakuhlupha, isenzo esiyihlazo sobufebe bakho nezinengiso zakho emagqumeni asendle. Maye kuwe Jerusalema! aniyikuhlanjululwa na? kuyoke kube nini?


Lapho abantwana babo bekhumbula ama-altare abo nezixuku zabo ngasemithini eluhlaza emagqumeni aphakeme.


O sizukulwane, bonani izwi likaJehova. Ngangiyihlane ku-Israyeli na? izwe lobumnyama? Ngalokho abantu bami bathi: “Singamakhosi; asisayikuza kini na?


Vuma kuphela ububi bakho, ukuthi weqe kuJehova uNkulunkulu wakho, wahlakaza izindlela zakho kwabafokazi phansi kwayo yonke imithi eluhlaza, anililalelanga izwi lami, usho uJehova.


Ngokuba ngalolo suku, usho uJehova Sebawoti, ngiyakulaphula ijoka lakhe entanyeni yakho, ngigqabule izibopho zakho, abezizwe bangabe besamkhonza.


Ngiyakuziyisa kwabakhulu, ngikhulume nabo; ngokuba babeyazi indlela kaJehova nomthetho kaNkulunkulu wabo; kodwa balaphula ngokupheleleyo ijoka futhi bagqabula izibopho.


Wafeba nama-Asiriya, ngokuba ungasuthi; yebo, wafeba nabo, nokho awuneliswanga.


Ngokwakha udumo lwakho emakhanda azo zonke izindlela, wenze ukuphakama kwakho kuzo zonke izitaladi; futhi awuzange ube njengesifebe ngokudelela inkokhelo;


Bayoshisa izindlu zakho ngomlilo, bakwenzele izijeziso phambi kwamehlo abesifazane abaningi; futhi ngiyokwenza ukuba uyeke ubufebe, futhi ungase ungabe usanikeza inkokhelo.


Ngokuba lapho ngibangenisa ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, babona onke amagquma aphakemeyo nemithi yonke eminyeneyo, banikela khona imihlatshelo yabo, bahlanjalazwa khona. Umhlatshelo; benza khona iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.


U-Ohola waphinga esengowami; wafisa izithandwa zakhe kuma-Asiriya, abakhelwane bakhe;


Ukuqala kwezwi likaJehova ngoHoseya. UJehova wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele isifebe nabantwana besifebe, ngokuba izwe lifebe kakhulu ngokusuka kuJehova.


Ngoba unina uphingile; owawazala wenza okuhlazisayo; ngokuba wathi: “Ngiyakulandela izithandwa zami ezinginika isinkwa sami namanzi ami, uboya bezimvu bami nelineni lami, amafutha ami nesiphuzo sami.”


Ngasengisithi kuye: Uzangihlalela insuku ezinengi; ungaphingi, ungabi ngowenye indoda; nami ngiyoba njalo nakini.


Bahlabela eziqongweni zezintaba, benyusa impepho emagqumeni, phansi kwama-oki, nemipopulari, nemifembe, ngokuba umthunzi wawo muhle; ngalokho amadodakazi enu ayaphinga, nabayeni benu bayaphinga.


Ungathokozi, Israyeli, ngokuthokoza njengezizwe; ngokuba ufebile kuNkulunkulu wakho, wathanda umvuzo ezibuyani zamabele.


NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibhithe ukuze ningabi yizigqila zabo; ngagqabula izibopho zejoka lenu ngakwenza ukuma uqonde.


Ngokuba manje ngiyakulaphula ijoka lakhe kuwe, ngiphule amaketanga akho abe yizicucu.


Niyakuqalekisa zonke izindawo lapho izizwe eniyakuzidla zikhonze khona onkulunkulu bazo, ezintabeni eziphakemeyo, nasemagqumeni, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza;


Kumelwe ukhumbule ukuthi wawuyisigqila ezweni laseGibhithe, futhi uJehova uNkulunkulu wakho wakuhlenga; ngalokho ngiyakuyala lokhu namuhla.


Umazisile namuhla uJehova ukuthi unguNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nokulalela izwi lakhe.


Kepha uJehova wanithatha, wanikhipha esithandweni sensimbi, eGibithe, nibe yifa lakhe, njenganamuhla.


Noma uNkulunkulu wafuna ukuzibuthela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokwesabeka okukhulu, njengakho konke uJehova akwenzileyo. UNkulunkulu wenze kini eGibhithe phambi kwamehlo enu?


Sondela uzwe konke uJehova uNkulunkulu wethu azakutsho; ukhulume kithi konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma kuwe; futhi siyakuzwa, sikwenze.


Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Konke osiyala ngakho siyakukwenza; futhi nomaphi lapho usithumela khona, sizoya.


Abantu bathi kuJoshuwa: “UJehova uNkulunkulu wethu siyakumkhonza, silalele izwi lakhe.


UJoshuwa waloba lawa mazwi encwadini yomthetho kaNkulunkulu, wathatha itshe elikhulu, walimisa lapho phansi kwesihlahla somtholo esisendlini engcwele kaJehova.


Kwase kufika enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi kimi: “Woza lapha; Ngiyakukukhombisa ukwahlulelwa kwesifebe esikhulu esihlezi phezu kwamanzi amaningi;


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali, no-Ashitaroti, nonkulunkulu base-Aramu, nonkulunkulu baseSidoni, nonkulunkulu bakwaMowabi, nonkulunkulu babantwana bakwa-Amoni, nonkulunkulu bama-Amoni. Onkulunkulu bamaFilisti, bamshiya uJehova, abamkhonzanga.


Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali.


Bamshiya uJehova, bakhonza oBali no-Ashitaroti.


Base bebiza uJehova, bathi: “Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali no-Ashitaroti; kepha manje usikhulule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ