Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 18:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngiyakubahlakaza njengomoya wasempumalanga phambi kwesitha; ngiyakubukisa umhlane wabo, hhayi ubuso babo ngosuku lobubi babo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Njengomoya wasempumalanga ngiyakubahlakaza phambi kwezitha zabo, ngibabonise umhlane kungabi ngubuso ngosuku lwengozi yabo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Njengomoya wasempumalanga ngiyakubahlakaza phambi kwezitha zabo, ngibabonise umhlane, hhayi ubuso, ngosuku lwenhlekelele yabo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 18:17
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umoya wasempumalanga uyamthatha, amuke, njengesivunguvungu simdudula endaweni yakhe.


Uyaphula imikhumbi yaseTharishishi ngomoya wasempumalanga.


Ngokuba olungileyo uyawa kasikhombisa abuye avuke, kepha ababi bayakuwela ebubini.


Ngakho ngiyobahlakaza njengamabibi adlula umoya ogwadule.


lithi esizweni: Wena ungubaba; nasetsheni: Nangikhipha, ngokuba bangifulathele, abangibhekanga ubuso babo; kodwa ngesikhathi sokuhlupheka kwabo bazakuthi: Sukuma usisindise.


Bangifulathela, kabazange baphenduke; nakuba ngabafundisa ngokuvuka ekuseni ngibafundise, nokho abalalelanga ukuze bathole ukulaywa.


Abaqashwa bayo basemathunjini ayo njengezinkunzi ezikhuluphalisiweyo; ngoba nabo baphenduka babaleka kanyekanye; abazange beme, ngoba usuku lokubhujiswa kwabo lwalubafikele kanye nesikhathi sokuhanjelwa kwabo.


Izigwedlo zakho zakungenisa emanzini amakhulu; umoya wasempumalanga wakuphula phakathi kolwandle.


Futhi ngiyosusa ubuso bami kubo, futhi bayoyingcolisa indawo yami yokucasha, ngoba abaphangi bayongena kuyo bayingcolise.


Noma ethela phakathi kwabafowabo, kuyofika umoya wasempumalanga, umoya kaJehova ukhuphuke uvela ehlane, nomthombo wakhe wome, nomthombo wakhe wome; Uyophanga ingcebo yazo zonke izinto ezithandekayo.


UJehova uyakuninqoba phambi kwezitha zenu, niphume ukulwa nazo ngendlela eyodwa, nizibaleke ngezindlela eziyisikhombisa, ninyakazeke emibusweni yonke yomhlaba.


UJehova uyakunihlakaza phakathi kwabantu bonke, kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kufike komunye; lapho niyokhonza abanye onkulunkulu enaningabazi wena nawoyihlo, imithi namatshe.


Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo suku, ngibashiye, ngifihle ubuso bami kubo, baqedwe, behlelwe ububi obuningi nezinsizi; ngalokho bayakuthi ngalolo suku: ‘Lokhu okubi akusehlele yini, lokhu uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?


Impindiselo nokuphindisela kungokwami; unyawo lwabo luyokhubeka ngesikhathi esifanele, ngoba usuku lwenhlekelele yabo luseduze, futhi izinto ezibehlelayo ziyashesha.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ