Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 17:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 uthi kubo: ‘Yizwani izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda noJuda wonke nani nonke enakhileyo eJerusalema eningena ngalawa masango.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 uthi kuwo: ‘Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda, noJuda wonke, nani nonke enakhileyo eJerusalema eningena ngalawa masango;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 uthi kuwo: ‘Yizwani izwi likaSimakade, nina makhosi akwaJuda, nani nonke baJuda, nezakhamuzi zonke zaseJerusalema eningena ngalawa masango.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 17:20
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yisho enkosini nasendlovukazini ukuthi: ‘Zithobeni, nihlale phansi, ngokuba ababusi benu bayakwehla, umqhele wodumo lwenu.


Wathi kimi uJehova: “Hamba, ume esangweni labantwana babantu, angena ngalo amakhosi akwaJuda, aphuma ngalo, nasemasangweni onke aseJerusalema;


uthi: ‘Yizwani izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nani bakhileyo eJerusalema. Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo; ozwayo, izindlebe zakhe ziyonkeneneza.


Ngokuba bangishiyile, bayenza ibe ngowabo le ndawo, bashunqisa umusi kuyo kwabanye onkulunkulu ababengabazi, bona nawoyise, namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala;


Mayelana nendlu yenkosi yakwaJuda wothi: ‘Zwanini izwi likaJehova;


uthi: ‘Yizwa izwi likaJehova, nkosi yakwaJuda, ohlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, wena nezinceku zakho nabantu bakho abangena ngala masango.


Kumelwe ukhulume amazwi ami kubo, kungakhathaliseki ukuthi bafuna ukuwezwa noma bayabayeka beme, ngoba bahlubuka kakhulu.


Ndodana yomuntu, ngakubeka umlindi wendlu ka-Israyeli; khona-ke yizwa izwi eliphuma emlonyeni wami, ubaxwayise ngokusuka kimi.


Yizwani lokhu, nina bapristi! lalelani nina ndlu ka-Israyeli! lalelani nina ndlu yenkosi! ngoba ukwahlulela kuyeza phezu kwenu, ngoba benilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.


Zwanini leli zwi, zinkomo zaseBashani, eniphezu kwentaba yaseSamariya, enicindezela abampofu, nichoboza abampofu, enithi emakhosini abo: Lethani, siphuze!


Ngasengisithi: Zwanini-ke, lina zinhloko zikaJakobe, lina babusi bendlu kaIsrayeli. Akukhona yini okwenu ukwazi ukwahlulela?


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ