Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 14:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kungani ungaba njengomuntu omangele, njengeqhawe elingakwazi ukusindisa? kepha wena Jehova uphakathi kwethu, negama lakho libizwé phezu kwethu; ungasishiyi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Yini ukuba ube ngumuntu odidekileyo, njengeqhawe elingenakusindisa, na? Nokho uphakathi kwethu, Jehova, sibiziwe ngegama lakho; ungasishiyi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Kungani ufana nomuntu omangele, nanjengeqhawe elingenakusindisa na? Wena Simakade, uphakathi kwethu; sibizwa ngegama lakho, ungasishiyi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 14:9
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uma abantu bami, ababizwa ngegama lami, bezithoba, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi; khona ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.


Jehova, umeleni kude na? nicashelani ngezikhathi zokuhlupheka na?


Ungangifihleli ubuso bakho; Ungayisusi inceku yakho ngokuthukuthela; ube lusizo kimi; ungangishiyi, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami.


UNkulunkulu uphakathi kwawo; ngeke antengantenge: uNkulunkulu uzomsiza, futhi kusesekuseni.


Memeza ujabule, wena owakhileyo eSiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli ophakathi kwakho.


Ngisho wonke umuntu obizwa ngegama lami, ngoba ngimdalele inkazimulo yami, ngimbumbile; yebo, ngimenzile.


Vuka, vuka, wembathe amandla, ngalo kaJehova! vuka, njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zasendulo. Akuwena yini owagawula uRahabi, washaya udrako?


Bheka, isandla sikaJehova asisifushane ukuba sikhulule; nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa;


Thina singabakho; awuzange ubabuse; kababizwa ngebizo lakho.


Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; izwi lakho laba yintokozo kimi nentokozo yenhliziyo yami, ngokuba igama lakho labizwa phezu kwami, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.


Ngokuba u-Israyeli noJuda abashiywanga nguNkulunkulu wabo, uJehova Sebawoti; nakuba izwe labo laligcwele isono koNgcwele ka-Israyeli.


Bhekani izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami phezu kwabakhileyo ezweni elikude, lithi: “Akakho uJehova eSiyoni na? Inkosi yayo ayikho kuye na? Bangiklolodelani ngezithombe zabo ezibaziweyo nangezithombe eziyize ezingaziwa na?


Kungani usikhohlwa kuze kube phakade, usishiye isikhathi esingaka na?


Kungaba yizilinganiso eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili, igama lomuzi kusukela ngalolo suku lithi: UJehova ukhona.


O Jehova, koze kube nini ngikhala, kodwa ungezwa! ngisho nakubizela ebudloveni, kodwa ngeke ukhulule!


Ngokuba mina, usho uJehova, ngiyakuba lugange lomlilo kulo nxazonke nenkazimulo phakathi kwalo.


Usho kanje uJehova; Ngibuyele eSiyoni, ngiyohlala phakathi kweJerusalema, neJerusalema liyakuthiwa umuzi weqiniso; nentaba kaJehova Sebawoti, intaba engcwele.


INkosi yasisithi kuMozisi: Isandla seNkosi sifitshane yini? manje uzobona ukuthi izwi lami lizakuza kuwe noma qha.


Ukuze insali yabantu ifune iNkosi, nabezizwe bonke ababizwa ngegama lami, isho iNkosi eyenza zonke lezi zinto.


Futhi linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? ngokuba nina niyithempeli likaNkulunkulu ophilayo; njengalokhu uNkulunkulu eshilo ukuthi: Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngizakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyahamba phakathi kwekamu lakho ukuba akusindise, akhulule izitha zakho phambi kwakho; ngalokho umbhede wakho uyakuba ngcwele, ukuze angaboni lutho olungcolile kuwe, aphambuke kuwe.


Bonke abantu bomhlaba bayobona ukuthi igama likaJehova libiziwe phezu kwakho; futhi bayokwesaba.


Inkulumo yenu mayingabi-kuhaha; yaneliswani ngalokho eninakho, ngokuba ushilo ukuthi: ‘Angisoze ngakushiya, angisoze ngakushiya.


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, abe nguNkulunkulu wabo.


Ngokuba uJehova akayikubalahla abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, ngokuba kwaba kuhle kuJehova ukunenza abantu bakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ