Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 7:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Manje ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwakho masinyane, intukuthelo yami iphumele phezu kwakho; ngiyakukwahlulela njengezindlela zakho, ngibuyisele kuwe zonke izinengiso zakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Manje sengiyakuthulula masinyane ukufutheka kwami phezu kwakho, ngifeze intukuthelo yami kuwe, ngikwahlulele njengezindlela zakho, ngehlisele phezu kwakho zonke izinengiso zakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Manje sengiyakuthulula masinyane ulaka lwami phezu kwakho, ngifeze intukuthelo yami kuwe, ngizakukwehlulela ngokwezindlela zakho, ngiphindisele kuwe zonke izinengiso zakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 7:8
35 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Hambani ningibuzele kuJehova, nangenxa yabaseleyo kwa-Israyeli noJuda, ngamazwi encwadi efunyenweyo; ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova ethelulwe phezu kwethu, ngokuba obaba abaligcinanga izwi likaJehova ukuba benze njengakho konke okulotshwe kule ncwadi.


Thela ulaka lwakho phezu kwezizwe ongazaziyo, laphezu kwemibuso engalibizanga ibizo lakho.


Ngakho wathululela phezu kwakhe ukuvutha kolaka lwakhe namandla empi, kwamthungela inhlangothi zonke, kodwa yena engakwazi; wamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni.


Futhi ngizomhambela kanye nenzalo yakhe kanye nezinceku zakhe ngenxa yobubi babo; ngiyakwehlisela phezu kwabo naphezu kwabakhileyo eJerusalema naphezu kwabantu bakwaJuda konke okubi engikushilo ngabo; kodwa kabalalelanga.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, intukuthelo yami nokufutheka kwami kuyakuthululelwa kule ndawo, phezu kwabantu, naphezu kwezilwane, naphezu kwemithi yasendle, naphezu kwezithelo zomhlaba; futhi uyovutha futhi ungacimi.


UJehova wenza njengokucabanga kwakhe; Wafeza izwi lakhe ayala ngalo ezinsukwini zasendulo: Wawisa, akabanga namusa; futhi Wenza isitha senu sajabula ngani, waphakamisa uphondo lwezitha zenu.


Wansala umnsalo wakhe njengesitha; Wema ngesandla sakhe sokunene njengesitha, wabulala konke okubonakala emehlweni etendeni lendodakazi yaseSiyoni; Wathulula ulaka lwakhe njengomlilo.


UJehova ulugcwalisile ulaka lwakhe; Wathulula ukufutheka kwakhe, waphemba umlilo eSiyoni, waqeda izisekelo zalo.


Kepha labo abanhliziyo yabo ilandela inhliziyo yezinengiso zabo nezinengiso zabo, ngiyakwehlisela indlela yabo phezu kwamakhanda abo, isho iNkosi uJehova.


Noma ngithuma isifo kulelo zwe, ngithulule ukufutheka kwami phezu kwalo ngegazi, ukuba ngiqede kulo abantu nezilwane;


Ngokuba awukhumbulanga izinsuku zobusha bakho, kepha wangikhathaza kukho konke lokho; bheka, ngiyakubeka indlela yakho phezu kwekhanda lakho, isho iNkosi uJehova; futhi akumelwe wenze lesi senzo esiyihlazo ngaphezu kwazo zonke izinengiso zakho.


Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwenza kuwe njengalokho okwenzileyo, odelele isifungo ngokwephula isivumelwano.


Ngakho ngiyakunahlulela nina ndlu ka-Israyeli, kube yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe, isho iNkosi uJehova. Phendukani, niphenduke kuzo zonke iziphambeko zenu; ngakho ububi abuyikuba ukuwa kwenu.


Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; abahambanga ngezimiso zami, badelela izahlulelo zami, okuthi uma umuntu ezenza, aphile ngazo; amasabatha ami bawangcolisa kakhulu;


Kepha abantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abagcinanga izahlulelo zami ukwenza lokhu, okuthi, uma umuntu ekwenza lokhu, aphile ngazo; bawona amasabatha ami; ngase ngithi: Ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ukuze intukuthelo yami iphumele phezu kwabo ehlane.


Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, impela ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo nangolaka oluthululiweyo ngiyakubusa phezu kwenu.


Kepha bangihlubuka, abangilalelanga; abalahlanga, kwaba yilowo nalowo izinengiso emehlweni abo, ababashiyanga onkulunkulu baseGibithe; ukuthukuthela kwami phezu kwabo phakathi kwezwe laseGibithe.


Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo; Ngabaqeda ngomlilo wokufutheka kwami; Ngehlisele indlela yabo phezu kwekhanda labo, isho iNkosi uJehova.


Mina, Jehova, ngikukhulumile; kuyakwenzeka, futhi ngiyakukwenza; angiyikubuyela emuva, futhi angiyikuyeka, futhi ngeke ngiphenduke; bayakukwahlulela njengezindlela zakho nangokwezenzo zakho, isho iNkosi uJehova.


Ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kweSini, inqaba yaseGibithe; futhi ngizokwenza isixuku saseNo.


Kodwa lina lithi: Indlela yeNkosi kayilingani. O ndlu ka-Israyeli, ngizokwahlulela, kube yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe.


Okude uyakufa ngesifo; oseduze uyakuwa ngenkemba; nosalayo evinjezelwe uyakufa ngendlala; ngakho ngizakwehlisela ulaka lwami phezu kwabo.


Inkosi iyolila, nesikhulu siyokwembatha incithakalo, nezandla zabantu bezwe ziyokwesaba; bazakwazi ukuthi nginguJehova.


Iso lami aliyikuhawukela, futhi angiyikuba nesihe; ngiyakukubuyisela ngokwezindlela zakho nezinengiso zakho eziphakathi kwakho; niyakwazi ukuthi nginguJehova oshayayo.


Noma yini ephathelene nami, iso lami ngeke libahawukele, futhi ngeke ngibe nesihe, kodwa ngiyokunikela phezu kwamakhanda abo.


Kwathi besawabulala, mina ngisalile, ngawa ngobuso bami, ngakhala, ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Uyakuchitha yonke insali yakwa-Israyeli ngokuthulula ulaka lwakho phezu kweJerusalema na?


Yebo, wonke u-Israyeli weqile umthetho wakho, yebo, ngokuhamba, ukuze angalilaleli izwi lakho; ngalokho isiqalekiso sithululelwe phezu kwethu nesifungo esilotshwe emthethweni kaMose inceku kaNkulunkulu, ngokuba sonile kuye.


Futhi iyoqinisa isivumelwano nabaningi isonto elilodwa; futhi phakathi nesonto uyokwenza ukuba umhlatshelo nomnikelo wempuphu kuphele, futhi ngenxa yokwanda kwezinengiso uyokwenza kube ihlane kuze kube sekugcineni futhi uyothululwa phezu koyedwa.


Wabamba umfowabo ngesithende esiswini sikanina, ngamandla akhe waba namandla kuNkulunkulu.


Izikhulu zakwaJuda zazinjengabasusa iviyo; ngalokho ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo njengamanzi.


Ngubani ongema phambi kolaka lwakhe? Ngubani ongahlala ekuvutheni kolaka lwakhe na? ulaka lwakhe luthululwa njengomlilo, namadwala awiswa phansi nguye.


Yena uyakuphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu, elithululwa ngaphandle kokuxutshaniswa nendebe yentukuthelo yakhe; futhi uyohlushwa ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ