UHezekeli 45:3 - Contemporary Zulu Bible 20243 Ngaleso silinganiso niyakulinganisa ubude obuyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nobubanzi obuyizinkulungwane eziyishumi; futhi kuyakuba khona indawo engcwele neNgcwelengcwele. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE3 Kuso lesi silinganiso uyakulinganisa ubude obuyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nobubanzi obuyizinkulungwane eziyishumi, kube yindawo engcwele kakhulu. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 20203 Kulesi siqinti esikhethekileyo uyakukala indawo engamakhubhithi ayizi-25 000 ubude, nayizi-10 000 ububanzi, ibe yindawo engcwele, nendawo engcwelengcwele. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Futhi kubo, kubapristi, lesi sipho esingcwele kumelwe sibe; ngasenyakatho izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, nasentshonalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nasempumalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nangaseningizimu izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude; nendlu engcwele kaJehova iyakuba phakathi kwayo.
Ngasemdeni kaJuda, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, umnikelo oyakuletha uyakuba yizinhlanga eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ububanzi nobude njengesinye sezinye, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sentshonalanga nendlu engcwele kumelwe ibe kuyo.