Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 3:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngenzé ibunzi lakho laba lukhuni kunetshe; ungabesabi, ungapheli amandla phambi kwabo, nakuba beyindlu edlubulundayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngenze ibunzi lakho njengedayimani,* elilukhuni kunensengetsha; ungabesabi, ungapheli amandla ngobuso babo, noma beyindlu ehlubukayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Ngilenze ibunzi lakho lalukhuni njengedayimani, lalukhuni ukwedlula insengetsha. Ungabesabi, ungapheli amandla ngenxa yabo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 3:9
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ningesabi; ngoba mina nginani; ningethuki; ngoba nginguNkulunkulu wenu; Ngizokuqinisa; yebo, ngizokusiza; yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Ungesabi wena sibungu Jakobe, nani madoda akwa-Israyeli! ngiyakusiza, usho uJehova, noMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli.


Ngokuba iNkosi uJehova iyakungisiza; ngakho-ke angiyikuma nginamahloni;


Wena-ke bopha izinkalo zakho, usukume, ukhulume kubo konke engikuyala ngakho; ungethuki ebusweni babo, funa ngikwenze ube namahloni phambi kwabo.


Ungabesabi ubuso babo, ngokuba nginawe ukuba ngikusindise,” usho uJehova.


Ngiyakukwenza ugange lwethusi olubiyelweyo kulaba bantu; bayakulwa nawe, kepha abayikukwehlula; ngokuba nginawe ukuba ngikukhulule, ngikusindise,” usho uJehova.


Mabajabhe abangizingelayo, kepha mina mangingajabhi; mabeme bethukile, kepha mina mangingathuki; wehlisele phezu kwabo usuku olubi, ubabhubhise ngokuchitha kabili.


Wena-ke, ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi amazwi abo, nakuba ukhula oluhlabayo nameva kukhona kuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla emehlweni abo, bayindlu edlubulundayo.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, thatha onke amazwi ami engiyakuwakhuluma kuwe enhliziyweni yakho, uwezwe ngezindlebe zakho.


Bheka, ngenze ubuso bakho buqine bufane nobuso babo, nebunzi lakho libe lukhuni phambi kwamabunzi abo.


Kumelwe uthi kwabahlubukayo kuyo indlu ka-Israyeli, ‘Isho kanje iNkosi uJehova; Wena ndlu ka-Israyeli, akwanele kini zonke izinengiso zenu.


Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova, nobulungisa namandla, ukuze ngishumayele kuJakobe isiphambeko sakhe, no-Israyeli isono sakhe.


Yebo, benza izinhliziyo zabo zaba njengetshe, ukuze bangawuzwa umthetho namazwi uJehova Sebawoti awathumela ngomoya wakhe ngesandla sabaprofethi bokuqala; ngalokho kwavela ulaka olukhulu oluvela kuJehova Sebawoti.


Ngokuba lokhu kuhle, kuyabongeka phambi kukaNkulunkulu uMsindisi wethu;


Umlimi osebenzayo umelwe ukuba ngesabelo kuqala izithelo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ