Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 24:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Maye kuwo umuzi wegazi! Ngiyovusa ngisho inqwaba umlilo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Maye kumuzi wezingazi! Nami ngiyakwandisa ukubungela izinkuni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 “ ‘ “Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “ ‘Maye, kumuzi ochitha igazi! Nami futhi ngiyakuzifaka kakhulu izinkuni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 24:9
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba iThofeti lamiswa kwasendulo; yebo, ilungiselelwe inkosi; wawenza wajula, waba mkhulu; inqwaba yakhe ingumlilo nezinkuni eziningi; umoya kaJehova njengomfula wesibabule uyawuthungela ngomlilo.


Iyakukhuphukela enqabeni yayo ngokwesaba, izikhulu zayo ziyesabe ibhanela,” usho uJehova omlilo wakhe useSiyoni, nesithando sakhe siseJerusalema.


Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngaseJerusalema, izwi lakho likhulume ezindlini ezingcwele, uprofethe ngezwe lakwa-Israyeli,


Yisho ezweni lakwa-Israyeli, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi; Bheka, ngimelene nawe; ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, nginqume abalungileyo nababi kuwe.


Manje wena ndodana yomuntu, uyathanda ukwahlulela, uyakwahlulela umuzi wegazi na? yebo, kumelwe umbonise zonke izinto zakhe ezesabekayo.


Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo; Ngabaqeda ngomlilo wokufutheka kwami; Ngehlisele indlela yabo phezu kwekhanda labo, isho iNkosi uJehova.


Bumbelani izinkuni, nibase umlilo, niqede inyama neziqholo, amathambo ashiswe.


Thatha elikhethiweyo lewundlu, ushise amathambo ngaphansi kwalo, libilise kahle, kubiliswe amathambo kulo.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Maye kuwo umuzi wegazi, imbiza engcolile engaphakathi kwayo, nokugqwala kwayo kungaphumi kuyo! likhiphe iziqephu; ungavumeli okuningi kuwele kukho.


Maye kuwo umuzi wegazi! konke kugcwele amanga nokuphanga; impango ayisuki;


Wo kowakha umuzi ngegazi, amise umuzi ngobubi!


Elangabi lomlilo liphindisela kwabangamaziyo uNkulunkulu, labangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu Kristu;


Njengoba nje iSodoma leGomora, lemizi yangakibo, yenza ubufebe ngokunjalo, ilandela inyama engeyiyo, ibekwe yaba yisibonelo, ithwele ukujeziswa komlilo ophakade.


Isikhamo sanyathelwa ngaphandle komuzi, kwaphuma igazi esikhamweni sewayini laze lafika ematomini amahhashi, lihamba amastadiyu ayinkulungwane namakhulu ayisithupha.


Umuzi omkhulu wahlukaniswa waba izingxenye ezintathu, nemizi yezizwe yawa, neBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu, ukuba alinike indebe yewayini lolaka lolaka lwakhe.


Ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, ubanikile igazi ukuba baliphuze; ngoba bafanele.


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ