Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 10:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wakhuluma endodeni eyembethe ilineni, wathi: “Ngena phakathi kwamasondo phansi kwamakherubi, ugcwalise isandla sakho ngamalahle omlilo phakathi kwamakherubi, uwahlakaze phezu komuzi.” Futhi wangena phambi kwamehlo ami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Wakhuluma kuyo indoda eyembethe ilineni, wathi: “Ngena phakathi kwamasondo ayingilizayo phansi kwekherubi, ugcwalise izandla zakho zombili ngamalahle omlilo ophakathi kwamakherubi, uwahlakaze phezu komuzi.” Yangena phambi kwamehlo ami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 USimakade wathi endodeni eyayembethe ilineni: “Ngena phakathi kwamasondo azungezayo, phansi kwekherubhi, ugcwalise izandla zakho zombili ngamalahle avuthayo aphakathi kwamakherubhi, uwahlakaze phezu komuzi.” Yangena-ke, ngizibonela ngawami amehlo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 10:2
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi nazo zonke izindlu zaseJerusalema nendlu yabo bonke abakhulu ngomlilo.


Amalahle avuthayo mawawele phezu kwabo; mabaphonswe emlilweni; emigodini ejulileyo, ukuze bangabe besavuka.


Wakhwela phezu kwekherubi, wandiza; yebo, wandiza ngamaphiko omoya.


Kumelwe wenze amakherubi amabili egolide; ulenze libe ngomsebenzi okhandiweyo, emaceleni omabili esihlalo somusa.


UJehova uyokwenza izwi lakhe elikhazimulayo lizwakale futhi amemezele ukukhululeka kwengalo yakhe ngokuvutha kwentukuthelo yakhe nangamalangabi omlilo oqothulayo, ngokuhlakazeka nesiphepho nesichotho.


Ngokuqondene nesimo sezidalwa eziphilayo, ukubonakala kwazo kwakunjengamalahle omlilo avuthayo nokubonakala kwezibani; umlilo wawukhazimula, nombani uphuma emlilweni.


Lapho amakherubi ehamba, amasondo ahamba eceleni kwawo; nalapho amakherubi ephakamisa amaphiko awo ukuba enyuke emhlabeni, amasondo wona awasukanga eceleni kwawo.


Bheka, indoda eyembethe ilineni, enophondo olumnyama ethangeni layo, yakhuluma indaba, yathi: “Ngenza njengokungiyala kwakho.”


Ngabuka zaze zaphonswa phansi izihlalo zobukhosi, kwahlala oMdala wezinsuku, ingubo yakhe imhlophe njengeqhwa, nezinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo; isihlalo sakhe sobukhosi sasinjengelangabi lomlilo namasondo aso njengomlilo ovuthayo.


Ingelosi yasithatha umcengezi wempepho, yawugcwalisa ngomlilo we-altare, yawuphonsa emhlabeni; kwase kuba khona amazwi, nokuduma, nemibani, nokuzamazama komhlaba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ