Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 1:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngabona, bheka, kwavela umoya oyisivunguvungu enyakatho, ifu elikhulu nomlilo ulisibekela, nokukhanya nxazonke zalo, nokuvela kulo okunjengombala wenhlaka, kuvela phakathi komlilo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngabona, bheka, kwavela umoya wesivunguvungu enyakatho, ifu elikhulu elinomlilo ovuthayo nokukhanya nxazonke zalo, kuphuma phakathi kwalo kungathi ithusi elikhazimulayo, kuvela emlilweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Ngabheka, ngabona umoya oyisivunguvungu uvela enyakatho, ifu elikhulu, umlilo onkewuzayo nokubaneka nxazonke. Phakathi komlilo kwavela okucwazimulayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 1:4
35 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi: “Phuma, ume entabeni phambi kukaJehova.” Bheka, uJehova wadlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba, waphahlaza amadwala phambi kukaJehova; kepha uJehova wayengekho kulowo moya, emva komoya ukuzamazama komhlaba; kepha uJehova wayengekho ekuzamazameni komhlaba.


Kwathi besakhuluma, kwabonakala inqola yomlilo namahhashi omlilo, kwabadabula bobabili; u-Eliya wenyukela ezulwini ngesivunguvungu.


Lapho abashaya amacilongo nabahlabeleli bemunye, benza izwi elilodwa lokudumisa nokudumisa uJehova; lapho bephakamisa amazwi abo ngamacilongo nangamasimbali nangezinsimbi, bemdumisa uJehova, bethi: “Ngokuba muhle; ngokuba umusa wakhe umi phakade, ngokuba indlu yagcwala ifu, indlu kaJehova;


UJehova wayesemphendula uJobe esesivunguzaneni, wathi:


UNkulunkulu wethu uyakufika, angathuli; umlilo uyakudla phambi kwakhe, uvunguze kakhulu nxazonke.


Kwasekusiba khona isichotho lomlilo kuxutshaniswe lesiqhotho, esinzima kakhulu, ekungazange kube khona okunjengalokhu elizweni lonke leGibhithe selokhu laba yisizwe.


Isiprofetho ngeGibhithe. Bheka, uJehova ugibele ifu elinejubane, uyeza eGibithe; onkulunkulu baseGibithe bayakuthuthumela phambi kobuso bakhe, nezinhliziyo zaseGibithe ziyakuncibilika kulo.


Isiprofetho ngogwadule lolwandle. Njengezivunguvungu zidlula eningizimu; kanjalo livela ogwadule, ezweni elesabekayo.


Bheka, isivunguvungu sikaJehova ngokufutheka siyaphuma, isivunguvungu esinamandla; liyowela kanzima phezu kwekhanda lababi.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bheka, okubi kuyakuphuma kwesinye isizwe kuye kwesinye, nesivunguvungu siyavuswa ezindaweni zomhlaba.


Bhekani, ngiyakuthuma, ngithabathe zonke izizwe zasenyakatho, usho uJehova, noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngizilethe phezu kwaleli zwe, naphezu kwabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe ezizungezile, Uyobashaya ngesiqalekiso, abenze isimangaliso, inhlekisa, incithakalo kuze kube phakade.


Phakamisani isimiso eSiyoni; buyela emuva, ungahlali, ngokuba ngiyakuletha ububi obuvela enyakatho nencithakalo enkulu.


Nina bantwana bakwaBenjamini, hlanganani nibalekele eJerusalema, nibethe icilongo eThekhowa, nimise isibonakaliso somlilo eBeti Hakeremi, ngokuba ububi buvela enyakatho nokubhubhisa okukhulu.


Ngase ngibona okunjengokubonakala komlilo phakathi kwawo nxazonke, kusukela okhalweni lwakhe kuya phezulu, kusukela okhalweni lwakhe kuya phansi, ngabona okungathi kufana nomlilo; ukukhanya nxazonke.


Tshela labo abalinameka ngebumba elingaqinanga ukuthi lizakuwa; nani, matshe esichotho, niyokuwa; nomoya oyisivunguvungu uzowudwengula.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakudabula ngesivunguvungu ngokufutheka kwami; kuyakuba khona isihlambi esikhulu ngokufutheka kwami namatshe esichotho esikhulu ekufuthekeni kwami ukuba sikuqede.


Kwakunjengokubonakala kombono engawubonayo, njengombono engawubona lapho ngifika ukuchitha umuzi; ubuso babunjengobuso engabubona emfuleni iKhebari; ngase ngiwa ngobuso.


Ngase ngibona, ngabona okufana nomlilo; kusukela okhalweni lwakhe kuya phezulu, njengokukhazimula, njengokukhazimulayo, njengokukhazimula kwegolide;


Amahhashi amnyama okulo aphumela ezweni lasenyakatho; nabamhlophe babalandela; futhi ezosiwe ziphuma ziye ezweni eliseningizimu.


Ngoba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


Izinyawo zakhe zazifana nethusi elicwengekileyo, sengathi zishiswe esithandweni; lelizwi lakhe linjengomsindo wamanzi amanengi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ