Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 22:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 U-Isaka wakhuluma ku-Abrahama uyise, wathi: “Baba.” Nansi-ke ndodana yami. Wathi: “Nango umlilo nezinkuni, kepha liphi iwundlu lomnikelo wokushiswa na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 U-Isaka wathi ku-Abrahama uyise: “Baba.” Wathi yena: “Ngilapha, ndodana yami.” Wayesethi: “Bheka, nanku umlilo nezinkuni, kepha iphi imvu yomnikelo ezakushiswa na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 U-Isaka wathi ku-Abhrahama: “Baba.” Yena wathi: “Ndodana.” Wayesethi: “Nanku umlilo nezinkuni, kodwa liphi iwundlu lomhlatshelo na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 22:7
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesethi u-Abrahama: “Ndodana yami, uNkulunkulu uyakuzilungisela iwundlu libe ngumnikelo wokushiswa; bahamba bobabili kanyekanye.


UNowa wamakhela uJehova i-altare; wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo, wanikela ngeminikelo yokushiswa e-altare.


Khulumani kuyo yonke inhlangano yakwa-Israyeli, nithi: Ngolweshumi lwale nyanga bayakuzithathela yilowo nalowo imvu ngokwezindlu zawoyise, iwundlu ngendlu.


Manje yilokhu okumelwe ukunikele e-altare; amawundlu amabili anomnyaka munye usuku nosuku njalo.


Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, makudlule kimi lesisitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.


Wabuye wahamba ngokwesibili, wakhuleka, wathi: “Baba, uma lesi sitsha singedlule kimi ngingasiphuzi, mayenziwe intando yakho.


Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe.


Ebona uJesu ehamba, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu!


Khona uJesu wathi kuPetru: “Faka inkemba yakho esikhwameni;


Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe; kodwa namukele uMoya wobuntwana, esimemeza ngaye sithi: Aba, Baba.


Nabo bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo kusukela ekusekelweni komhlaba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ