Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 9:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Bheka, kusasa ngalesi sikhathi ngiyakunisa isichotho esinzima kakhulu, esingakaze sibe khona eGibithe kusukela ekusekelweni kwalo kuze kube manje.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Bheka, kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuwisa isichotho esinzima kakhulu, esingazange sibe khona esingaka eGibithe, selokhu lakhiwa kuze kube manje.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Uyabona-ke, kusasa ngalesi sikhathi ngizothumela isichotho esinamandla amakhulu, esingakaze sibonwe eGibhithe selokhu laba khona kuze kube namuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 9:18
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Izebeli wayesethuma isigijimi ku-Eliya ukuthi: “Mabenze lokhu kimi onkulunkulu, bengezelele kanjalo, uma ngingenzi ukuphila kwakho kube njengempilo yomunye wabo kusasa ngalesi sikhathi.


Kepha kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuthuma izinceku zami kuwe, zihlole indlu yakho nezindlu zezinceku zakho; futhi noma yini ethandekayo emehlweni akho, kumelwe bayinikele esandleni sabo bayithathe.


Wayesethi u-Elisha: “Yizwani izwi likaJehova; Usho kanje uJehova, uthi: Kusasa ngalesi sikhathi iseya lempuphu ecolekileyo liyakuthengiswa ngeshekeli, namaseya amabili ebhali ngeshekeli esangweni laseSamariya.


Umuntu kaNkulunkulu wakhuluma enkosini wathi: “Kusasa ngalesi sikhathi amaseya amabili ebhali ngeshekeli neseya lempuphu ecolekileyo ngeshekeli kuyakuba khona esangweni laseSamariya ngalesi sikhathi.


Uyakuvumela ukuba kufike, noma ngokusola, noma izwe lakubo, noma umusa.


Ungenile yini engcebeni yeqhwa? noma usubonile ingcebo yesichotho,


engizigcinele isikhathi sokuhlupheka, usuku lokulwa lempi?


Bese ubaxosha ngesivunguvungu sakho, ubethuse ngesivunguvungu sakho.


Isikhonyane senyukela ezweni lonke laseGibithe, sahlala ezifundeni zonke zaseGibithe; zazisinda kakhulu; ngaphambi kwazo akuzange kube khona isikhonyane esinjengaso, futhi ngeke kube khona ngemva kwaso.


Ziyogcwalisa izindlu zakho nezindlu zazo zonke izinceku zakho nezindlu zabo bonke abaseGibhithe; engabonanga oyihlo nawoyihlo, kusukela osukwini ababekhona emhlabeni kuze kube namuhla. Waphenduka, wamuka kuFaro.


Kuyakuba khona isililo esikhulu ezweni lonke laseGibithe, esingakaze sibe khona, nesingayikuba khona.


Usaziphakamisa yini phezu kwabantu bami, ukuze ungabayekeli bahambe?


Kwase kwehlela phezu kwabantu isichotho esikhulu sivela ezulwini, ilitshe ngalinye isisindo salo liyitalenta; abantu bahlambalaza uNkulunkulu ngenxa yenhlupho yesichotho; ngoba isifo sawo sasisikhulu kakhulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ