Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 8:26 - Contemporary Zulu Bible 2024

26 Wayesethi uMose: “Akulungile; ngoba siyakunikela okunengekayo kwabaseGibhithe eNkosini uNkulunkulu wethu; bheka, siyakunikela okunengekayo kwabaseGibithe phambi kwamehlo abo, bangasikhandi ngamatshe, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Wayesethi uMose: “Akufanele ukwenze njalo, ngokuba siyakuhlabela uJehova uNkulunkulu wethu lokhu okunengeka kwabaseGibithe; bheka, singahlaba okunengeka kwabaseGibithe emehlweni abo, bangasikhandi ngamatshe, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

26 Kepha uMose wathi: “Akunakwenzeka lokho, ngokuba imihlatshelo esizoyethula kuSimakade uNkulunkulu wethu ingokunengekayo kwabaseGibhithe. Singahlaba yini okunengekayo kwabaseGibhithe, singakhandwa ngamatshe na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 8:26
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Basebemlungisela yena yedwa, eyedwa, labaseGibhithe ababedla laye, bodwa, ngoba amaGibhithe ayengelakudla isinkwa lamaHebheru; ngoba kuyisinengiso kwabaseGibhithe.


nithi: ‘Umsebenzi wezinceku zakho kwasebusheni bethu kuze kube manje wawunezinkomo, thina nawobaba, ukuze nihlale ezweni laseGosheni; ngoba bonke abelusi bayisinengiso kwabaseGibhithe.


Nezindawo eziphakemeyo ezaziphambi kweJerusalema, ezazingakwesokunene sentaba echithayo, uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli azakhela u-Ashitaroti, isinengiso samaSidoni, noKemoshi, isinengiso sakwaMowabi, UMilkomu isinengiso sabantwana bakwa-Amoni wangcolisa inkosi.


Kwathi lezo zinto sezenzekile, izikhulu zeza kimi, zathi: “Abantu bakwa-Israyeli nabapristi namaLevi abazahlukanisanga nabantu bamazwe ngokwenza izinengiso zabo kumaKhanani namaHeti, namaPherizi, namaJebusi, nama-Amoni, namaMowabi, namaGibhithe, nama-Amori.


Kumelwe ufike, wena namadoda amadala akwa-Israyeli, enkosini yaseGibhithe, nithi kuyo: ‘INkosi, uNkulunkulu wamaHebheru, isihlangabeze; manje masihambe, uhambo lwezinsuku ezintathu siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu.


UFaro wayesebabiza oMose no-Aroni, wathi: “Ncengani uJehova ukuba asuse amasele kimi nakubantu bami; ngiyakubavumela abantu ukuba bahambe, bahlabele uJehova.


Akakho ophakamisa enhliziyweni yakhe, kungekho kwazi nokuqonda ukuba athi: Ingxenye yawo ngiyishisile ngomlilo; yebo, ngabhaka isinkwa phezu kwamalahle alo; ngosiwe inyama, ngayidla, nensali yakhona ngiyenze isinengiso na? ngizowela esiqwini sesihlahla?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ