Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 8:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kodwa uFaro esebonile ukuthi sekuphuzile, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, kabalalelanga; njengokutsho kweNkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Esebona uFaro ukuthi kuyiphefu, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 Kepha lapho uFaro ebona ukuthi uthole ikhefu, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, akaze abalalela njengalokhu ayeshilo uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 8:15
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwasekubikwa enkosini yeGibhithe ukuthi abantu babalekile, lenhliziyo kaFaro leyenceku zakhe yabaphendukela abantu, bathi: Sikwenzeleni lokhu, ukuthi senze uIsrayeli ahambe asikhonze?


UJehova wathi kuMose: “Uma ubuyela eGibithe, qiniseka ukuthi uyazenza phambi kukaFaro zonke lezo zibonakaliso engizinikele esandleni sakho; kodwa ngizayenza lukhuni inhliziyo yakhe, ukuze angabayekeli abantu bahambe.


Kepha uFaro akayikunilalela, ukuze ngibeke isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe amabutho ami nabantu bami, abantwana bakwa-Israyeli, ngiphume ezweni laseGibithe ngezahlulelo ezinkulu.


INkosi yasisithi kuMozisi: Tshono kuAroni uthi: Yelula intonga yakho, utshaye uthuli lwelizwe, lube omiyane elizweni lonke leGibhithe.


Wayesethi uFaro: “Ngiyakunivumela ukuba nihambe, nihlabele uJehova uNkulunkulu wenu ehlane; kodwa akumelwe nihambe kakhulu; ngikhulekeleni.


Wayesethi uMose: “Bheka, ngiyaphuma kuwe, ngiyakuncenga uJehova ukuba kusasa zisuke izibawu kuFaro, nasezincekwini zakhe, nakubantu bakhe; kepha uFaro makangabe esaqhubeka nokukhohlisa, avumele abantu ukuba bahambe bayohlabela uJehova.


Naye uFaro wayenza lukhuni inhliziyo yakhe ngalesi sikhathi, kabavumelanga abantu ukuba bahambe.


UFaro wayesebabiza oMose no-Aroni, wathi: “Ncengani uJehova ukuba asuse amasele kimi nakubantu bami; ngiyakubavumela abantu ukuba bahambe, bahlabele uJehova.


Njengenja ibuyela ebuhlanzweni bayo, isiwula sibuyela ebuwula baso.


Ovame ukwenza lukhuni intamo yakhe ngokusolwa uyachithwa ngokuzumayo, kungabikho ukuphulukiswa.


Ngoba ukwahlulelwa kwesenzo esibi kakufiki masinyane, ngakho inhliziyo yabantwana babantu igcwele ukwenza okubi.


Makube umusa komubi, kepha akayikufunda ukulunga; ezweni lobuqotho uyakwenza okubi, angabuboni ubukhosi bukaJehova.


O Efrayimi, ngiyakwenzani kuwe na? Juda, ngenzeni kuwe na? ngokuba umusa wakho unjengefu lokusa, nanjengamazolo amuka ekuseni.


Kuthiwa: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni;


Ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni ngosuku lokulingwa ehlane;


Abantu bashiswa ukushisa okukhulu, bahlambalaza igama likaNkulunkulu onegunya phezu kwalezi zinhlupho, kepha abaphendukanga ukuba bamkhazimulise.


Izinkomo zahamba ngendlela eqondile endleleni yaseBeti Shemeshi, zahamba ngendlela ephakeme, zisatshekile, aziphendukanga ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo; izikhulu zamaFilisti zawalandela, zaze zafika emkhawulweni waseBeti Shemeshi.


Bathi: “Uma niwumukisa umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ningawuthumi uze; kodwa noma kunjalo nimbuyisele umnikelo wecala; khona-ke niyakuphiliswa, futhi nizokwaziwa kini ukuthi kungani isandla sakhe singasuswanga kini.


Pho-ke niyenzelani lukhuni izinhliziyo zenu njengalokho abaseGibithe noFaro bazenza lukhuni izinhliziyo zabo na? Lapho esebenza ngokuyisimangaliso phakathi kwabo, abavumelanga yini abantu ukuthi banyakaze futhi basuke?


Bhekani, uma ikhuphuka ngendlela isuka ogwini lwakubo, iye eBeti Shemeshi, usenze lobu bubi obukhulu; kepha uma kungenjalo, sizokwazi ukuthi akusona isandla sakhe esisishayileyo; kwakuyithuba elenzeke kithi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ