Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 7:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 INkosi yasisithi kuMozisi: Inhliziyo kaFaro ilukhuni, kavumi ukuthi abantu basuke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UJehova wayesethi kuMose: “Inhliziyo kaFaro ilukhuni: uyenqaba ukuba abantu bahambe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 USimakade wathi kuMose: “Inhliziyo kaFaro ilukhuni; uyenqaba ukuvumela abantu ukuba bahambe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 7:14
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

INkosi yasisithi kuMozisi: Ngena kuFaro, ngoba mina ngenze lukhuni inhliziyo yakhe lenhliziyo yenceku zakhe ukuthi zimemezele lezi zibonakaliso zami phambi kwakhe.


Kepha uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe.


Kodwa uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga ukuba bahambe.


Uma kungenjalo, uma wenqaba ukuba abantu bami bahambe, bheka, kusasa ngiyoletha isikhonyane endaweni yakho.


Ngiyazi ukuthi inkosi yaseGibithe ayiyikunivumela ukuba nihambe, cha, kungengasandla esinamandla.


Futhi ngithi kuwe: Yiyeke indodana yami ihambe, ingikhonze; uma wenqaba ukumyeka, bheka, ngiyakubulala indodana yakho, izibulo lakho.


Wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro ukuba angabalaleli; njengokutsho kweNkosi.


Yana kuFaro ekuseni; bheka, uya ngasemanzini; kumelwe ume ngasosebeni lomfula ngokumelene nokuza kwayo; nodondolo olwaphenduka inyoka, kumelwe uluphathe ngesandla sakho.


Amasele ayakumuka kuwe, nasezindlini zakho, nasezincekwini zakho, nakubantu bakho; bangahlala emfuleni kuphela.


Kodwa uFaro esebonile ukuthi sekuphuzile, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, kabalalelanga; njengokutsho kweNkosi.


Uma wenqaba ukuba bahambe, bheka, ngiyakushaya yonke indawo yakho ngamasele.


Lapho uFaro ebona ukuthi imvula nesichotho nokuduma kunqamukile, waqhubeka wona futhi wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, yena nezinceku zakhe.


UFaro wathuma, bheka, emfuyweni yabantwana bakwa-Israyeli akufanga neyodwa. Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabavumelanga abantu ukuba bahambe.


Kepha uma nala, nihlubuka, niyakuqedwa ngenkemba, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.


Kungani laba bantu baseJerusalema behlehliswa ukuhlubuka kwaphakade? babambelele enkohliso, bayala ukubuya.


Indawo yakho yokuhlala iphakathi kwenkohliso; ngenkohliso bayala ukungazi, usho uJehova.


Yebo, benza izinhliziyo zabo zaba njengetshe, ukuze bangawuzwa umthetho namazwi uJehova Sebawoti awathumela ngomoya wakhe ngesandla sabaprofethi bokuqala; ngalokho kwavela ulaka olukhulu oluvela kuJehova Sebawoti.


Kepha uSihoni inkosi yaseHeshiboni akasivumelanga ukuba sidlule kuye, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wenza lukhuni umoya wakhe, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe ukuba amnikele esandleni sakho, njengokuba kubonakala namuhla.


Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;


Pho-ke niyenzelani lukhuni izinhliziyo zenu njengalokho abaseGibithe noFaro bazenza lukhuni izinhliziyo zabo na? Lapho esebenza ngokuyisimangaliso phakathi kwabo, abavumelanga yini abantu ukuthi banyakaze futhi basuke?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ