Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 40:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Wathatha ubufakazi, wabufaka emphongolweni, wafaka izinti emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Wathabatha, wabufaka ubufakazi emphongolweni, wafaka izinti emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Wathatha izibhebhe ezimbili zamatshe wazifaka emphongolweni. Wafaka izingongolo emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 40:20
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe uMose azibeke khona eHorebe, lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo ezweni laseGibithe.


UDavide wabutha wonke u-Israyeli eJerusalema ukuba alethe umphongolo kaJehova endaweni yawo ayewulungisele wona.


Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili uMose azibeke kuwo eHorebe, lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.


Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami; yebo, umthetho wakho usenhliziyweni yami.


Njengalokho uJehova emyalile uMose, u-Aroni wawubeka phambi kobufakazi ukuba ulondolozwe.


Kumelwe ubeke isihlalo somusa phezu komphongolo wobufakazi eNgcwelengcwele.


Ngemva kokuba eseqedile ukukhuluma naye entabeni yaseSinayi wamnika uMose izibhebhe ezimbili zobufakazi, izibhebhe zamatshe ezilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu.


Weneka itende phezu kwetabernakele, wabeka isifulelo setende phezu kwalo; njengalokho uJehova emyalile uMose.


Ufake kulo umphongolo wobufakazi, umboze umphongolo ngesihenqo.


UJesu waphendula wathi kuye: Vuma kalokhu, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke. Wase emvumela.


Ngokuba uKristu uyisiphetho somthetho kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.


ammisileyo uNkulunkulu, abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, ukuze kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngenxa yokuthethelelwa kwezono ezenziwe ngaphambili, ngokubekezela kukaNkulunkulu;


Ngaphenduka, ngehla entabeni, ngafaka izibhebhe emphongolweni engawenza; futhi akhona, njengoba nje iNkosi ingiyalile.


Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa, ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.


eyayinomcengezi wegolide wempepho, nomphongolo wesivumelwano unamekwe ngegolide nxazonke, okwakukhona kuwo imbiza yegolide eyayinemana, nenduku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano;


yena uyinhlawulo yezono zethu, kungengezethu zodwa, kodwa nezono zezwe lonke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ