Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 39:43 - Contemporary Zulu Bible 2024

43 UMose wawubheka wonke umsebenzi, bheka, bawenza njengokuyala kukaJehova, bawenza; uMose wababusisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 UMose wabona wonke umsebenzi; bheka, babewenzile; njengalokho uJehova eyalile, bawenza kanjalo; uMose wababusisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

43 UMose wawuhlola wonke umsebenzi, wawubona ukuthi wenziwe njengalokhu uSimakade ayemyalile, ngakho-ke uMose wababusisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 39:43
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNkulunkulu wabheka konke akwenzileyo, wabona ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwaba kusasa, usuku lwesithupha.


Wambusisa wathi: “U-Abrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, umnini wezulu nomhlaba.


UDavide eseqedile ukunikela iminikelo yokushiswa neminikelo yokubonga, wabusisa abantu egameni likaJehova Sebawoti.


Kwathi ngomnyaka weshumi nanye, ngenyanga kaNkunzi, eyinyanga yesishiyagalombili, yaqedwa indlu kuzo zonke izici zayo nangokwendlela yayo yonke. Ngakho wachitha iminyaka eyisikhombisa eyakha.


Inkosi yasiphendulela ubuso bayo, yabusisa lonke ibandla lika-Israyeli, inhlangano yonke yakwa-Israyeli yema.


Wasukuma, wabusisa lonke ibandla lika-Israyeli ngezwi elikhulu, wathi:


Kwathi uDavida eseqedile ukunikela iminikelo yokutshiswa leminikelo yokubonga, wabusisa abantu ebizweni leNkosi.


Abapristi bamaLevi basukuma bababusisa abantu, izwi labo lezwakala, nomkhuleko wabo wakhuphukela endaweni yakhe yokuhlala engcwele ezulwini.


Inkosi yasiphendulela ubuso bayo, yabusisa lonke ibandla lika-Israyeli, inhlangano yonke yakwa-Israyeli yasukuma.


Abantu basebebusisa wonke amadoda azinikela ngokuzithandela ukuhlala eJerusalema.


Inkazimulo kaJehova iyakuma kuze kube phakade; uJehova uyakuthokoza ngemisebenzi yakhe.


Futhi, inceku yakho iyaxwayiswa yizo, futhi ukuzigcina kukhona umvuzo omkhulu.


Abantwana bakwa-Israyeli basuka, benza njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.


Njengakho konke engikubonisa khona, njengesifanekiso setabernakele nesifanekiso sezinto zonke zalo, niyakulenza kanjalo.


Njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, abantwana bakwa-Israyeli bawenza wonke umsebenzi.


Wazikhanyisa izibani phambi kukaJehova; njengalokho uJehova emyalile uMose.


OMose no-Aroni benza-ke njengalokho uJehova ebayalile, benze njalo-ke.


Ngakho ngaya ngalifihla ngasemfuleni i-Ewufrathe, njengoba nje uJehova wayengiyalile.


Kumelwe kube yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana kanye ngomnyaka ngenxa yazo zonke izono zabo. Wenza njengalokho uJehova emyalile uMose.


UJoshuwa wababusisa, wabamukisa, baya ematendeni abo.


Ingxenye yesizwe sakwaManase uMose wayinika izwe eBashani, kepha enye ingxenye yalo uJoshuwa wayinika phakathi kwabafowabo phesheya kweJordani ngasentshonalanga. Futhi lapho uJoshuwa wabamukisa ematendeni abo, wababusisa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ