Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 38:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Lezi ziyinani letabernakele, itabernakele lobufakazi, njengoko kwabalwayo ngokomthetho kaMose enkonzweni yamaLevi ngesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Lokhu kuyimali yetabernakele,* itabernakele lobufakazi, njengokubalwa kwayo ngesiyalezo sikaMose, ngokubala kwamaLevi ngesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 Lezi kwakuyizindleko zethabanakeli; ithabanakeli lesivumelwano, ezahlanganiswa njengokuyala kukaMose, umsebenzi wabaLevi wawuphansi kuka-Ithamari, indodana ka-Aroni umphristi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 38:21
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abantwana bakwa-Amramu; u-Aroni noMose noMiriyamu. Futhi amadodana ka-Aroni; oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.


Inkosi yasibiza uJehoyada inhloko, yathi kuye: “Awubacelanga ngani amaLevi ukuba alethe umnikelo ovela kwaJuda naseJerusalema, njengomyalo kaMose, inceku kaJehova, nebandla lamaLevi. Israyeli, ngenxa yetabernakele lobufakazi na?


Ngoba uthe: Imfundiso yami ihlanzekile, futhi ngimsulwa emehlweni akho.


Uma ubuyela kuSomandla, uyokwakhiwa, ususe ububi bude namatende akho.


Ihubo likaDavide. Jehova, ngubani oyakuhlala etendeni lakho na? ngubani oyakuhlala entabeni yakho engcwele na?


Kumelwe ubeke ubufakazi engizokunika bona emkhunjini.


Ulengise isihenqo ngaphansi kwabakaki, ukuze ungenise umphongolo wobufakazi phakathi kwesihenqo; isihenqo kumelwe sinihlukanisele phakathi kweNgcwele neNgcwelengcwele.


Zonke izikhonkwane zetabernakele nezegceke nxazonke zazingezethusi.


UBhezaleli indodana ka-Uri indodana kaHuri, owesizwe sakwaJuda, wenza konke uJehova amyale ngakho uMose.


Ufake kulo umphongolo wobufakazi, umboze umphongolo ngesihenqo.


U-Aroni wazithathela u-Eliseba, indodakazi ka-Aminadaba, udadewabo kaNaasoni; wamzalela uNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.


Kodwa kumelwe ubeke amaLevi phezu kwetabernakele lobufakazi naphezu kwazo zonke izitsha zalo naphezu kwakho konke okungokwalo; kumelwe bathwale itabernakele nazo zonke izinto zalo; bayakulikhonza, balimise nxazonke zetabernakele.


Kodwa amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele lobufakazi, funa kufike ulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli; amaLevi ayakugcina inkonzo yetende lobufakazi.


Kwathi ngomnyaka wesibili wenyanga yamashumi amabili enyangeni yesibili ifu lenyuswa etendeni lobufakazi.


Futhi nabafowenu esizweni sakwaLevi, isizwe sikayihlo, woza nawe kanye nabo, ukuze bazihlanganise nawe, bakukhonze; kodwa wena lamadodana akho kanye lawe lizakhonza phambi kwethabhanekele lobufakazi.


Mahle kangakanani amatende akho, Jakobe, namatende akho, Israyeli!


Ngosuku lokumiswa kwetabernakele ifu lasibekela itabernakele eliyitende lobufakazi;


Wayesephendula uPetru, wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba sibe lapha; elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.


Okhokho bethu babelethabhanekele lobufakazi enkangala njengokulaya kwakhe ekhuluma loMozisi ukuthi alenze njengomfanekiso ayewubonile.


Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.


Isikhonzi sendlu engcwele, nesetabernakele eliqinisileyo elamiswa yiNkosi, kungengamuntu.


Kepha uKristu esefikile engumpristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula itabernakele elikhulu neliphelele kakhulu, elingenziwanga ngezandla, okungukuthi elingelona elalesi sakhiwo;


Yebo, ngibona kufanele ukuthi, nxa ngisekuleli dokodo, nginivuse ngokunikhumbuza;


Kwavulwa ithempeli likaNkulunkulu ezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe, kwaba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.


Emva kwalokho ngabona, bheka, selivuliwe ithempeli letabernakele lobufakazi ezulwini;


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, abe nguNkulunkulu wabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ