Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 34:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Gcina umusa kwabayizinkulungwane, uthethelele ububi neziphambeko nezono, futhi awusoze wakhulula onecala; ohambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana kwesesithathu nesesine isizukulwane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala, ehambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana, kwabesizukulwane sesithathu nesesine.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 ogcina umusa kubo abayizinkulungwane, athethelele ububi neziphambeko nezono, nokho ongayukumyeka engamjezisanga onecala, ohambela ububi babazali kubantwana, nakubantwana babantwana, kuze kube yisizukulwane sesithathu nesesine.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 34:7
57 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Esalindile, amadoda abamba isandla sakhe, nesandla somkakhe, nesandla samadodakazi akhe omabili; uJehova waba nomusa kuye, bamkhipha, bamkhiphela ngaphandle komuzi.


Kulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho u-Israyeli lapho bekhuleka kule ndawo; ngikulalele usezulwini, endaweni yakho yokuhlala; futhi lapho usuzwile, uthethelele.


Yizwa-ke usezulwini, wenze, wahlulele izinceku zakho ngokulahla omubi, ubeke indlela yakhe phezu kwekhanda lakhe; nolungileyo, amnike njengokulunga kwakhe.


Ngokuba uma niphendukela kuJehova, abafowenu nabantwana benu bayakuba nesihe phambi kwabathunjwayo, babuyele kuleli zwe; ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unomusa, unesihe, uyabususa ubuso bakhe kini, uma nibuyela kuye.


wathi: “Ngiyakhuleka kuwe Jehova Nkulunkulu wezulu, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nesihawu kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe.


Ngakho-ke, Nkulunkulu wethu, Nkulunkulu omkhulu, onamandla nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa, makungabi kuncane konke ukuhlupheka phambi kwakho osehlele, phezu kwamakhosi ethu, naphezu kwezikhulu zethu, naphezu kwabapristi bethu. Naphezu kwabaprofethi bethu, naphezu kwawobaba, naphezu kwabo bonke abantu bakho, kusukela esikhathini samakhosi ase-Asiriya kuze kube namuhla.


Lapho ngona, uyangibheka, awuyikungikhulula ebubini bami.


Yena othethelela zonke iziphambeko zakho; owelapha zonke izifo zakho;


Ububi bawoyise mabukhunjulwe phambi kukaJehova; nesono sikanina masingasulwa.


Kodwa kuwe kukhona ukuthethelelwa, ukuze wesatshwe.


Owashaya iGibithe kumazibulo alo, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Kepha uFaro nempi yakhe bachithwa oLwandle Olubomvu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Ngenxa yegama lakho, Jehova, thethelela ububi bami; ngoba inkulu.


Kodwa wena, Nkosi, unguNkulunkulu olesihawu lomusa, obekezelayo, omkhulu ngobubele leqiniso.


Wabaphendula, Jehova Nkulunkulu wethu: Wena wawunguNkulunkulu owabathethelelayo, lanxa waphindisela emicabangweni yabo.


Mnakekele futhi ulalele izwi lakhe, ungamgconi; ngoba kayikuthethelela iziphambeko zenu, ngoba ibizo lami likuyo.


Deda endabeni yamanga; futhi ungambulali ongenacala nolungileyo, ngoba ngeke ngithethelele omubi.


Wathi: “Ngiyakudlula phambi kwakho konke okuhle kwami, ngibize igama leNkosi phambi kwakho; futhi ngiyoba nesihe kwengimhawukelayo, futhi ngiyoba nesihe kwengimhawukelayo.


Wathi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, Nkosi, iNkosi yami mayingene phakathi kwethu; ngoba bangabantu abanenkani; usithethelele ububi bethu nezono zethu, usithathe njengefa lakho.


Khuluma lokhu futhi ubasondeze; yebo, mabacebisane kanyekanye: Ngubani owashumayela lokhu kwasendulo na? ubani owakutshela kusukela lapho? Angithi mina uJehova? futhi akakho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami; uNkulunkulu olungileyo noMsindisi; akakho omunye ngaphandle kwami.


Ngokuba nginawe,” usho uJehova, “ukuba ngikukhulule; noma ngiqeda zonke izizwe engikuhlakazele kuzo, nokho angiyikukuqeda; kodwa ngizokukhuza ngokulinganisa futhi ngingakushiyi ungajeziswa ngokuphelele.


Wena uhawukela izinkulungwane, uphindisele ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo: oMkhulu, uNkulunkulu onamandla, uJehova Sebawoti, igama lakhe,


Kepha ozibongayo makazibonge ngakho, ukuze angiqonde, azi Mina, ukuthi nginguJehova owenza umusa, nokwahlulela, nokulunga emhlabeni; ngokuba lokhu ngiyathokoza,” usho uJehova.


Ngakhuleka kuJehova uNkulunkulu wami, ngenza isivumo sami, ngathi: “Jehova, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, gcina isivumelwano nesihawu kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe;


Kuyo iNkosi uNkulunkulu wethu kukhona umusa nentethelelo, nakuba simhlubukile;


Ngingababala ngimsulwa ngilesilinganiso esibi kanye lesaka lezisindo zenkohliso?


Ngubani onguNkulunkulu onjengawe, othethelela ububi, adlule isiphambeko sensali yefa lakhe? Akayigodli intukuthelo yakhe kuze kube phakade, ngokuba ujabulela umusa.


Ngubani ongema phambi kolaka lwakhe? Ngubani ongahlala ekuvutheni kolaka lwakhe na? ulaka lwakhe luthululwa njengomlilo, namadwala awiswa phansi nguye.


Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa.


Usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanamacala kithi.


Kwathi bengenanto yokukhokha, wabathethelela bobabili. Ngitshele-ke, yimuphi kubo oyakumthanda kakhulu na?


Ngakho makwazeke kini, madoda bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono;


Yena uNkulunkulu wamphakamisa ngesandla sakhe sokunene abe nguMbusi noMsindisi, ukuze anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.


Esilokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe;


Kepha yibani nomusa omunye komunye, nihawukele, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngenxa kaKristu.


Impindiselo nokuphindisela kungokwami; unyawo lwabo luyokhubeka ngesikhathi esifanele, ngoba usuku lwenhlekelele yabo luseduze, futhi izinto ezibehlelayo ziyashesha.


ubaphindisele abamzondayo ebusweni babo ukuba ababhubhise;


Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe ezizukulwaneni eziyinkulungwane;


Ngoba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


UJoshuwa wayesethi kubantu: “Aninakumkhonza uJehova, ngokuba unguNkulunkulu ongcwele; unguNkulunkulu onomhawu; kayikuthethelela iziphambeko zenu lezono zenu.


Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile, ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.


Noma ngubani ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila waphonswa echibini lomlilo.


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ