UEksodusi 34:7 - Contemporary Zulu Bible 20247 Gcina umusa kwabayizinkulungwane, uthethelele ububi neziphambeko nezono, futhi awusoze wakhulula onecala; ohambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana kwesesithathu nesesine isizukulwane. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE7 ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala, ehambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana, kwabesizukulwane sesithathu nesesine.” အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 20207 ogcina umusa kubo abayizinkulungwane, athethelele ububi neziphambeko nezono, nokho ongayukumyeka engamjezisanga onecala, ohambela ububi babazali kubantwana, nakubantwana babantwana, kuze kube yisizukulwane sesithathu nesesine.” အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Ngakho-ke, Nkulunkulu wethu, Nkulunkulu omkhulu, onamandla nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa, makungabi kuncane konke ukuhlupheka phambi kwakho osehlele, phezu kwamakhosi ethu, naphezu kwezikhulu zethu, naphezu kwabapristi bethu. Naphezu kwabaprofethi bethu, naphezu kwawobaba, naphezu kwabo bonke abantu bakho, kusukela esikhathini samakhosi ase-Asiriya kuze kube namuhla.