Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 27:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Uyakwenza i-altare ngomuthi womtholo, ubude balo bube yizingalo eziyisihlanu, nobubanzi bube yizingalo eziyisihlanu; i-altare libe nezinhlangothi ezine ezilinganayo, ukuphakama kwalo kube yizingalo ezintathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Wolenza i-altare ngomuthi womtholo, ubude balo bube yizingalo eziyisihlanu, ububanzi balo bube yizingalo eziyisihlanu, i-altare lilingane izinhlangothi zozine; ukuphakama kwalo kube yizingalo ezintathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 “I-althare uyolenza ngokhuni lomkhambathi; ubude balo bube ngamakhubhithi ayisihlanu, ububanzi balo bube ngamakhubhithi ayisihlanu. I-althare liyakuba yisikwele; ukuphakama kwalo kube ngamakhubhithi amathathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 27:1
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UGadi wayesefika kuDavide ngalolo suku, wathi kuye: “Khuphuka, wakhele uJehova i-altare esibuyeni sika-Arawuna umJebusi.”


Futhi i-altare lethusi elaliphambi kukaJehova walisusa ngaphambi kwendlu phakathi kwe-altare nendlu kaJehova, walibeka ohlangothini olusenyakatho lwe-altare.


Kepha u-Aroni namadodana akhe banikela e-altare lomnikelo wokushiswa nase-altare lempepho, babemiselwe wonke umsebenzi wendawo engcwelengcwele, benzele u-Israyeli ukubuyisana, njengakho konke uMose, inceku kaNkulunkulu, akwenzileyo wayala.


Wenza i-altare lethusi, ubude balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi balo buyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyishumi.


Khona-ke uJeshuwa, indodana kaJosadaki, nabafowabo, abapristi, noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, nabafowabo, bakha i-altare likaNkulunkulu ka-Israyeli ukuze banikele phezu kwalo iminikelo yokushiswa njengokulotshiweyo emthethweni uMose umuntu kaNkulunkulu.


UMose walakha i-altare, walibiza ngokuthi uJehova-Nisi.


UMose waloba phansi onke amazwi kaJehova, waqeda ekuseni kakhulu, wakha i-altare phansi kwentaba nezinsika eziyishumi nambili ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.


ne-altare lomnikelo wokushiswa nempahla yalo yonke, nomcengezi nothi lwawo;


i-altare lomnikelo wokushiswa nehele lalo lethusi, nezinti zalo, nezitsha zalo, nomcengezi, nothi lwawo,


i-altare lethusi, nehele lalo lethusi, nezinti zalo, nazo zonke izinto zalo, nomcengezi, nothi lwawo,


Kumelwe ugcobe i-altare lomnikelo wokushiswa nazo zonke izinto zalo ungcwelise i-altare, libe i-altare elingcwelengcwele.


Wabeka i-altare lomnikelo wokushiswa emnyango wetende lokuhlangana, wanikela phezu kwalo umnikelo wokushiswa nomnikelo wempuphu; njengalokho uJehova emyalile uMose.


Ubeke i-altare lomnikelo wokushiswa phambi komnyango wetende lokuhlangana.


Inkonzo yabo iyakuba ngumphongolo, netafula, nothi lwesibani, nama-altare, nezinto zendlu engcwele abakhonza ngazo, neveli, nayo yonke inkonzo yalo.


Kumelwe basuse umlotha e-altare futhi bendlala indwangu ebubende phezu kwalo.


Kumelwe babeke zonke izinto zakhe abakhonza ngazo phezu kwalo, imicengezi yomlilo, namakhona enyama namafosholo nezitsha, zonke izinto ze-altare; bayakwendlala phezu kwalo isembozo sezikhumba zamatahasi, balinamathisele ezintini zalo.


Sine-altare abangenagunya lokudla kulo abakhonza etabernakele.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ