Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 20:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ningangenzeli onkulunkulu besiliva, ningazenzeli onkulunkulu begolide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Aniyikwenza lutho olungaphandle kwami; onkulunkulu besiliva nawonkulunkulu begolide aniyikuzenzela bona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 Aniyukuzenzela abanye onkulunkulu ngaphandle kwami, onkulunkulu besiliva noma begolide aniyukuzenzela bona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 20:23
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Babemesaba uJehova, bakhonza onkulunkulu babo njengezizwe ababezithumbile lapho.


Lezi zizwe zamesaba uJehova, zakhonza izithombe zazo ezibaziweyo, nabantwana bazo, nabantwana babantwana bazo; njengoba kwenza oyise, benze njalo kuze kube lamuhla.


UMose wabuyela kuJehova, wathi: “Awu, laba bantu benzile isono esikhulu, bazenzela onkulunkulu begolide.


Nina-ke ndlu yakwa-Israyeli, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Hambani nikhonze, kube yilowo nalowo izithombe zakhe, kuthi ngasemuva, uma ningangilaleli; kodwa ningabe nisangcolisa igama lami elingcwele ngezipho zenu nangezithombe zenu.


Ngokumisa umbundu wabo embundwini wami, nezinsika zabo ezinsikeni zomnyango wami, nogange phakathi kwami nabo, bangcolisa igama lami elingcwele ngezinengiso zabo abazenzileyo; ngalokho ngabaqeda ngentukuthelo yami.


Kodwa wena uziphakamisile eNkosini yezulu; aletha izitsha zendlu yakhe phambi kwakho, wena nezikhulu zakho, omkekho, nezancinza zakho naphuza ngazo iwayini; utusile onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabemithi, nabetshe, abangaboniyo, abangezwa, nabangazi; futhi uNkulunkulu okuphefumula kwakho kusesandleni sakhe, futhi owakhe zonke izindlela zakho, awumkhazimulisanga.


Baphuza iwayini, batusa onkulunkulu begolide, nesiliva, nethusi, nensimbi, nezokhuni, namatshe.


Ningaphendukeli kuzo izithombe, ningazenzeli onkulunkulu ababunjiweyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Lalabo abakhonza ibandla lezulu phezu kwezindlu; nabakhuleka kuye, bafunge uJehova, nabafunga ngoMalikamu;


Uqalekisiwe umuntu owenza noma yisiphi isithombe esibaziweyo noma esibunjiweyo, into enengekayo kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asibeke endaweni ecashile. Futhi bonke abantu kumelwe baphendule bathi: Amen!


Wabona izinengiso zabo nezithombe zabo, zokhuni, netshe, nesiliva, negolide, ziphakathi kwabo.


Ngokuba ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nawabenzayo amanga.


Lapho ebuyisela amashekeli esiliva ayizinkulungwane eziyikhulu nekhulu kunina, unina wathi: “Ngingcwelise ngokuphelele isiliva kuJehova esandleni sami ukuze ngenzele indodana yami isithombe esibaziweyo nesithombe esibunjiweyo; lokhu ngawe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ