Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 19:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo esemlilweni; umusi walo wenyuka njengomusi wesithando, nentaba yonke yazamazama kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Yonke intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo ngomlilo; umusi wayo wenyuka njengomusi wesithando; intaba yonke yazamazama kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Yonke intaba iSinayi yayithunqa intuthu, ngokuba uSimakade wayehlele kuyo ngomlilo, intuthu yayo yenyuka njengentuthu yesithando somlilo; intaba yonke yazamaza kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 19:18
41 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova wehla ukuze abone umuzi nombhoshongo abantwana babantu ababewakhile.


Futhi kwenzeka ukuthi, lapho ilanga selishonile futhi kuba mnyama, kwakukhona isithando somlilo esivuthayo nesibani esivuthayo sidlula phakathi kwalezo zicucu.


Wabheka ngaseSodoma naseGomora nasezweni lonke lethafa, bheka, umusi wezwe wenyuka njengomusi wesithando.


Nawe wehlela entabeni yaseSinayi, wakhuluma kubo usezulwini, wabanika izimiso eziyiqiniso, nemithetho eqinisileyo, nezimiso, nemiyalo emihle;


Uyawubheka umhlaba, uthuthumele; Uthinta amagquma, ashunqe.


Izintaba zagxuma njengezinqama, namagquma njengamawundlu.


Thuthumela, O mhlaba, phambi kobuso beNkosi, phambi kobuso bukaNkulunkulu kaJakobe;


Thobisa izulu lakho, Jehova, wehle; zithinte izintaba, zithunqe.


Wawathoba amazulu, wehla, nobumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.


Wena, Nkulunkulu, wathumela imvula enkulu, owaqinisa ngayo ifa lakho lapho selikhathele.


Izwi lokuduma kwakho lalisezulwini; umbani wakhanyisa izwe, umhlaba wazamazama, wazamazama.


Indlela yakho iselwandle, nendlela yakho emanzini amakhulu, nezinyathelo zakho azaziwa.


Akukho sandla esingayithinta, kepha impela uyakukhandwa ngamatshe, noma abulawe ngokudutshulwa; noma kuyisilwane noma kuyisintu, akuyikuphila; lapho icilongo likhala isikhathi eside, bayakhuphuka entabeni.


UMose wabakhipha abantu ekamu ukuyohlangabeza uNkulunkulu; bema phansi kwentaba.


Bonke abantu babona ukuduma, nemibani, nomsindo wecilongo, nentaba ethunqayo; abantu sebekubona bahlehla bamela khatshana.


Umbono wenkazimulo kaJehova wawunjengomlilo oqothulayo esiqongweni sentaba emehlweni abantwana bakwa-Israyeli.


Kwabonakala kuye ingelosi kaJehova elangabini lomlilo esihlahleni somunga;


Ulungele ekuseni, ukhuphukele entabeni yaseSinayi ekuseni, ume lapho phambi kwami esiqongweni sentaba.


Izinsika zomnyango zanyakaza ngezwi lalowo owayememeza, indlu yagcwala umusi.


Uma ungadabula izulu, wehle, izintaba zehle phambi kwakho,


Ngabona izintaba, bheka, zazamazama, namagquma onke anyakaza kahle.


Wema walinganisa umhlaba; izintaba zaphakade zahlakazwa, amagquma aphakade akhothama; izindlela zakhe ziphakade.


Niyobalekela esigodini sezintaba; ngoba isigodi sezintaba siyofinyelela e-Asali, yebo, niyobaleka njengoba nabalekela ukuzamazama komhlaba ezinsukwini zika-Uziya inkosi yakwaJuda, futhi uJehova uNkulunkulu wami uyofika, nabo bonke abangcwele kanye nani.


Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala, nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.


Wathi: “UJehova wavela eSinayi, wabavukela evela eSeyiri; wakhanya entabeni yasePharanu, weza nabangcwele abayizinkulungwane eziyishumi; esandleni sakhe sokunene kwaphuma umthetho womlilo kubo.


Wenza ukuba uzwe izwi lakhe esezulwini ukuba anifundise; nasemhlabeni wanikhombisa umlilo wakhe omkhulu; nawezwa amazwi akhe ephakathi komlilo.


Lawa mazwi uJehova wawakhuluma ngezwi elikhulu ebandleni lenu lonke entabeni, phakathi komlilo, nefu, nasebumnyameni; futhi Akanezelanga lutho. Waliloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika lona.


UJehova wakhuluma kini ubuso nobuso entabeni phakathi komlilo;


Nakini enihluphekayo, niphumule kanye nathi, lapho iNkosi uJesu yambulwa ezulwini inezingelosi zayo ezinamandla;


Elangabi lomlilo liphindisela kwabangamaziyo uNkulunkulu, labangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu Kristu;


Ngokuba anizanga entabeni ethintwa, eshiswa umlilo, nobumnyama, nobumnyama, nesiphepho,


ozwi lakhe ngalesosikhathi lazamazamisa umhlaba, kodwa khathesi uthembisile, esithi: Ngisezakuba kanye futhi, kungeyisikho umhlaba wodwa, kodwa lezulu.


Kodwa usuku lweNkosi luzafika njengesela ebusuku; lapho amazulu ayakudlula ngomsindo omkhulu, nezakhi ziyoncibilika ngokushisa okukhulu, nomhlaba nemisebenzi ekuwo kuyakusha.


Ithempeli lagcwala umusi ovela enkazimulweni kaNkulunkulu nasemandleni akhe; futhi kwakungekho muntu owayengangena ethempelini, zize zigcwaliseke izinhlupho eziyisikhombisa zezingelosi eziyisikhombisa.


Yasivula umgodi wakwalasha; kwenyuka umusi emgodini njengomusi wesithando somlilo esikhulu; ilanga nomkhathi kwaba mnyama ngomusi womgodi.


Izintaba zancibilika phambi kukaJehova, yebo, neSinayi phambi kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ