Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 15:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngobukhulu bobukhosi bakho wabachitha abakuvukelayo; Wathuma ulaka lwakho, lwabaqeda njengezinhlanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngobukhulu bobukhosi bakho uyachitha abakuvukelayo; uyathuma intukuthelo yakho, ibaqede njengamabibi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Ebukhulwini bobukhosi bakho uthele phansi labo abamelana nawe, uthumele intukuthelo yakho yabaqothula njengamahlanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 15:7
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla emandleni; ngubani owazenza lukhuni kuye, waba nempumelelo?


Mabadumise igama likaJehova, ngokuba igama lakhe lodwa likhulu; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.


Baqede ngokuthukuthela, baqede, bangabi khona; futhi mabazi ukuthi uNkulunkulu uyabusa kwaJakobe kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela.


Lowo ogibele izulu lamazulu, owayekhona endulo; bheka, uyalithuma izwi lakhe, futhi liyizwi elinamandla.


Nkulunkulu wami, zenze zibe njengesondo; njengamabibi phambi komoya.


UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle, ulwandle lwabuyela ngamandla alo ekuzeni kokusa; abaseGibithe bawubalekela; uJehova wagumbuqela abaseGibithe phakathi kolwandle.


Khona-ke abantu bahlakazeka ezweni lonke laseGibhithe ukuze babuthe izinhlanga esikhundleni sotshani.


Ngakuvusa-ke impela, ukuze ngibonakalise amandla ami kuwe; nokuthi igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.


Khothama, Jehova, ulalele; vula amehlo akho, Jehova, ubuke, uzwe onke amazwi kaSaneheribi awathumele ukuhlambalaza uNkulunkulu ophilayo.


Ngubani omthukile, wamhleba? Uphakamisele bani izwi lakho, uphakamisele amehlo akho phezulu, na? ngisho ngokumelene noNgcwele ka-Israyeli.


Ngokuba intukuthelo yakho ikhuphukele kimi, nokuxokozela kwakho ezindlebeni zami, ngiyakufaka ingwegwe yami ekhaleni lakho netomu lami ezindebeni zakho, ngikubuyisele endleleni oweza ngayo.


Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu ekamu lama-Asiriya; bavuka ekuseni kakhulu, babeyizidumbu zonke.


Kwathi ekhuleka endlini kaNisirogi unkulunkulu wakhe, amadodana akhe u-Adrameleki noSarezeri amshaya ngenkemba; babalekela ezweni lase-Armenia, u-Esarihadoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Bheka, bayakuba njengamabibi; umlilo uyakubashisa; ngeke bazisindise emandleni elangabi;


Kodwa uJehova Sebawoti uyophakanyiswa ekwahluleleni, futhi uNkulunkulu ongcwele uyongcweliswa ngokulunga.


Ngakho-ke, njengomlilo uqeda izinhlanga, nelangabi lidla amakhoba, kanjalo impande yabo iyakuba njengokubola, nembali yabo ikhuphuke njengothuli, ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova Sebawoti, balilahla izwi lamabandla. ONgcwele ka-Israyeli.


Ngoba akakho ofana nawe, Jehova; Wena umkhulu, futhi iGama lakho likhulu ngamandla.


Manje futhi izizwe eziningi zikubuthanele ezithi: Malingcoliswe, amehlo ethu mawabe seSiyoni.


UJehova uyakuphuma, alwe nalezo zizwe, njengasosukwini lokulwa kwakhe ngosuku lwempi.


Ngalolo suku amanzi aphilayo ayakuphuma eJerusalema; ingxenye yawo ngaselwandle lwangaphambili nengxenye yawo ngaselwandle lwasemuva; ehlobo nasebusika kuyoba njalo.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngemva kwenkazimulo wangithuma ezizweni enaziphanga; ngokuba othinta nina uthinta inhlamvu yeso lakhe.


Ngokuba bhekani, luyeza usuku oluvutha njengeziko; bonke abazidlayo, nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi;


olwelo lwakhe lusesandleni sakhe, aze ahlanze isibuya sakhe, abuthele ukolweni wakhe enqolobaneni; kepha amakhoba uyakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.


Wawa phansi, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na?


Akakho onjengoNkulunkulu kaJesuruni, ogibela isibhakabhaka ekusizeni kwakho nokuphakama kwakhe esibhakabhakeni.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu.


Ngoba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ