Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 13:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngingcwelisele onke amazibulo, konke okuvula isizalo sikanina phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, abantu nezinkomo; ngeyami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Ngahlukanisele onke amazibulo, konke okuvula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, kubantu nasezinkomeni; kungokwami.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 “Ngihlukanisele wonke amazibulo; noma yiliphi izibulo elivule isibeletho kwabakwa-Israyeli, kubantu nezilwane, ngokuba lingelami.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 13:2
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Namazibulo amadodana ethu nawezinkomo zethu, njengokulotshiweyo emthethweni, namazibulo ezinkomo zethu nawezimvu zethu, ukukuletha endlini kaNkulunkulu wethu, kubapristi abakhonza endlini yethu uNkulunkulu;


Futhi kumelwe silethe ulibo lwenhlama yethu neminikelo yethu nezithelo zazo zonke izinhlobo zemithi, iwayini namafutha kubapristi emakamelweni endlu kaNkulunkulu wethu; nokweshumi kwezwe lethu kumaLevi, ukuze wona amaLevi athole okweshumi emizini yonke esilinywayo.


Ungahlambalazi onkulunkulu, ungathuki umbusi wabantu bakini.


Izibulo lezibulo lezwe lakini wolingenisa endlini kaJehova uNkulunkulu wakho. Ungase ungaliboni izinyane obisini lukanina.


Uzakuthi kuFaro: Itsho njalo iNkosi: UIsrayeli uyindodana yami, izibulo lami;


Futhi wathatha amadodana akho namadodakazi akho owangizalela wona, wawanikela ukuba adliwe. Kuyinto encane yini ubufebe bakho,


Ukuthi ubulele abantwana bami, wabanikela ukuba badabule bona ngokwabo emlilweni?


Izibulo lezilwane kuphela, eliyakuba yizibulo likaJehova, akukho muntu ongalingcwelisa; noma kuyinkomo noma yimvu, kungokukaJehova.


Konke okuvula isizalo kuyo yonke inyama abayiletha kuJehova, kubantu noma kweyezilwane, kuyakuba ngokwakho;


Mina-ke, bheka, ngawathatha amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo onke avula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; ngalokho amaLevi ayakuba ngawami;


Ngoba wonke amazibulo angawami; ngokuba mhla ngibulala amazibulo onke ezweni laseGibithe, ngazingcwelisela kimi onke amazibulo akwa-Israyeli, abantu nawezilwane; bayakuba ngabami; nginguJehova.


(njengokulotshiweyo emthethweni weNkosi ukuthi: Wonke owesilisa ovula isizalo uyakuthiwa ungcwele eNkosini;)


Wonke amazibulo aphuma ezinkomo zakho nasemhlambini wakho wezimvu nezimbuzi, wowangcwelisela uJehova uNkulunkulu wakho; awuyikwenza msebenzi ngezibulo lenkunzi yakho, ungaliphuculi izibulo lezimvu zakho.


Lomhlangano omkhulu lebandla lamazibulo alotshiweyo ezulwini, lakuNkulunkulu uMahluleli wabo bonke, lemimoya yabalungileyo abapheleliswayo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ