Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 12:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Bayakuyidla inyama ngalobo busuku, yosiwe ngomlilo nesinkwa esingenamvubelo; bayakuyidla kanye nemifino ebabayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Bazakuyidla inyama ngalobo busuku, yosiwe ngomlilo; bayakuyidla kanye nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Bayakulidla iwundlu ngalobo busuku; bayakulidla losiwe emlilweni nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 12:8
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bawosa iphasika emlilweni njengomthetho, kepha ezinye izipho ezingcwele bazigcoba ezimbizeni, nangamapani, nasemapanini, babelabela bonke abantu masinyane.


Ngithululiwe njengamanzi, namathambo ami onke ahlangene; inhliziyo yami injengengcina; kuncibilike phakathi kwamathumbu ami.


Bazenza zaba muncu ukuphila kwabo ngobugqila obulukhuni, ngokunameka, nangokufaka izitini, nangayo yonke imisebenzi yasensimini; yonke inkonzo yabo ababekhonza kuyo yayilukhuni.


Ningayidli iluhlaza, futhi ingacwiliswanga nhlobo emanzini, kodwa yosiwe emlilweni; ikhanda layo nemilenze yalo, kanye nokusunduza kwalo.


Wayesethi uMose kubantu: “Khumbulani lolu suku ekuphumeni kwenu eGibithe, endlini yobugqila; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo; akungadliwa isinkwa esivutshelweyo.


Isinkwa esingenamvubelo siyakudliwa izinsuku eziyisikhombisa; akuyikubonakala mvubelo kuwe, nemvubelo ayiyikubonakala kuwe kuzo zonke izindawo zakho zokuhlala.


Ungalethi igazi lesinkwa sami kanye lesinkwa esivutshelweyo; namanoni omhlatshelo wami akayikusala kuze kuse.


Ungalethi igazi lomhlatshelo wami kanye nemvubelo; futhi umhlatshelo wePhasika ungahlali kuze kube kusasa.


Kepha kwaba kuhle kuJehova ukumchoboza; waba lusizi; uma unikela umphefumulo wayo ube ngumnikelo wesono, iyakubona inzalo yayo, yandise izinsuku zayo, nokuthakazelelwa nguJehova kuyakuphumelela esandleni sayo.


Ninikele ngomhlatshelo wokubonga onemvubelo, nimemezele, nimemezele iminikelo yesihle; ngokuba ninjalo nina bantwana bakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova.


Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nokunxusa; futhi bayongibheka mina abangigwazayo, futhi bayomlilela njengoba nje umuntu elilela indodana yakhe eyodwa, futhi bayoba munyu kuyo, njengomuntu omunyu ngenxa yezibulo lakhe.


Base beqonda ukuthi wayengashongo ukuthi baxwaye imvubelo yesinkwa kodwa isifundiso sabaFarisi nabaSadusi.


Kwathi besadla, uJesu wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi, wathi: Thathani, lidle; lokhu kungumzimba wami.


Kumelwe ukusose futhi ukudlele endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayoyikhetha; kumelwe uphenduke ekuseni uye ematendeni akho.


Nani naba ngabalingisi bethu nabeNkosi, selamukele izwi ekuhluphekeni okukhulu ngentokozo kaMoya oNgcwele;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ