15 IGileyadi ngalinika iMagiri.
15 Ngamnika uMakiri elakwaGileyadi.
15 UMakhiri ngamnika elakwaGileyadi.
UJosefa wabona abantwana bakwa-Efrayimi besizukulwane sesithathu; nabantwana bakwaMagiri, indodana kaManase, bakhuliselwa emadolweni kaJosefa.
USegubi wazala uYayire, owayenemizi engamashumi amabili nantathu ezweni lakwaGileyadi.
Kumadodana kaManase: kwaMagire: ngumndeni wakwaMagiri; uMagire wazala uGileyadi; kwaGileyadi kwaphuma isizukulwane sakwaGileyadi.
Ingxenye yesizwe sakwaManase uMose wayinika izwe eBashani, kepha enye ingxenye yalo uJoshuwa wayinika phakathi kwabafowabo phesheya kweJordani ngasentshonalanga. Futhi lapho uJoshuwa wabamukisa ematendeni abo, wababusisa.