Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 28:62 - Contemporary Zulu Bible 2024

62 Niyosala niyingcosana ngenani, nisebaningi njengezinkanyezi zezulu; ngoba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

62 Niyakushiywa nibe yingcosana, ingani naningangezinkanyezi zezulu ngobuningi, ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

62 Noma nanibaningi ngangezinkanyezi zezulu, niyakushiywa niyingcosana, ngokuba awulalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 28:62
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Akashiyanga muntu kuJehowahazi abantu, kuphela abamahhashi abangamashumi ayisihlanu, nezinqola eziyishumi, nemigundatshani eyizinkulungwane eziyishumi; ngokuba inkosi yase-Aramu yababhubhisa, yabenza baba njengothuli lokubhula.


Yathumba lonke iJerusalema, nazo zonke izikhulu, nawo onke amaqhawe anamandla, abathunjwa abayizinkulungwane eziyishumi, nabo bonke abathengisi, nabakhandi bensimbi; akwasala muntu, kuphela abantu bezwe abampofu kakhulu.


Umuzi wawumkhulu, ubanzi, kepha abantu babembalwa kuwo, nezindlu zingakakhiwa.


Wandisa abantwana babo baba ngangezinkanyezi zezulu, wabangenisa ezweni owathembisa ngalo oyise ukuthi bayakungena ukulidla.


Ukube uJehova Sebawoti ubengasishiyelanga insali encane, ngabe sifana neSodoma, sifana neGomora.


Ngakho isiqalekiso siwudlile umhlaba, nabakhileyo kuwo bachithekile; ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa, kusele abantu abambalwa.


Ngasengisithi: Nkosi, koze kube nini? Wathi: Imizi ize ibe incithakalo, ingabi nabahlali, nezindlu zingabi namuntu, nezwe libe yincithakalo nokuchitheka.


Kodwa kuzakuba khona okwetshumi kulo, njalo lizabuya lidliwe: njengesihlahla setiye lanjengesihlahla se-okhi esiluthuli lwaso lapho sivuthulula amahlamvu awo; kanjalo inzalo engcwele iyakuba yimpahla yayo.


Wathi kumprofethi uJeremiya: “Isicelo sethu makwamuke phambi kwakho, usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wakho, nangenxa yonke le nsali; (ngokuba siyingcosana nje esisele kwabaningi, njengoba amehlo akho esibona;)


Ngiyakuthuma izilo zasendle phakathi kwenu, eziyakuniphuca abantwana benu, zichithe izinkomo zenu, zinenze nibe bambalwa; izindlela zenu ziyakuba yihlane.


Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Umuzi owaphuma uyinkulungwane uyakusala uyikhulu, owaphuma unekhulu, uyakusalela indlu ka-Israyeli ishumi.


Uma iNkosi ibingazifinyezanga lezo zinsuku, bekungayikusindiswa nyama;


UJehova uNkulunkulu wenu unandisile; bhekani, namuhla ningangezinkanyezi zezulu ngobuningi.


(UJehova uNkulunkulu wawoyihlo makanandise ngokuphindwe kayinkulungwane kunalokhu eniyikho, anibusise njengokuthembisa kwakhe kini!)


Oyihlo behlela eGibhithe namadoda angamashumi ayisithupha; manje uJehova uNkulunkulu wakho unenze ngangezinkanyezi zezulu ngobuningi.


UJehova uyakunihlakaza phakathi kwezizwe, nisale niyingcosana phakathi kwezizwe uJehova eyakuniholela kuzo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ