Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 28:45 - Contemporary Zulu Bible 2024

45 Zonke lezi ziqalekiso ziyakufika phezu kwakho, zikusukele, zikufice, uze ubhujiswe; ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukugcina imiyalo yakhe nezimiso zakhe akuyale ngakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

45 “Zonke lezi ziqalekiso ziyakukwehlela, zikuxoshe, zikufice, uze ubhujiswe, ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe abekuyala ngakho,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

45 “Zonke lezi ziqalekiso ziyokwehlela kuwe, zikulandele, zikukhungathe, uze ubhujiswe, ngokuba awulalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho, awuyigcinanga imiyalo yakhe nezimiso zakhe akuyala ngakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 28:45
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba siyakuyichitha le ndawo, ngokuba isikhalo ngabo sesisikhulu phambi kukaJehova; uJehova wasithuma ukuba silichithe.


UJehova wayilahla yonke indlu yakwa-Israyeli, wayicindezela, wayinikela esandleni sababhubhisi, waze wabalahla ebusweni bakhe.


Ubakhuzile abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho.


Ububi bulandela izoni, kodwa abalungileyo bazathola umvuzo omuhle.


Kepha uma nala, nihlubuka, niyakuqedwa ngenkemba, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.


Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kakhulu kangakanani uma ngithumela phezu kweJerusalema izahlulelo zami ezine ezimbi, inkemba, nendlala, nokuduma, nesifo, ukuqothula kulo abantu nezilwane na?


Inkemba ingaphandle, isifo nendlala phakathi; osensimini uyakufa ngenkemba; osemzini, indlala nesifo kuyakuqeda kuye.


Khona nami ngiyakuhamba ngithukuthelele; mina, yebo, mina, ngiyakunishaya kasikhombisa ngenxa yezono zenu.


Kepha uma ungalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ugcine yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla; ukuze zonke lezi ziqalekiso zehlele phezu kwakho, zikufice;


Ubusisiwe ubhasikidi wakho nenqolobane yakho.


Nxa nizala abantwana nabazukulu, senihlale isikhathi eside ezweni, niziphange, nenze isithombe esibaziweyo noma umfanekiso wanoma yini, nenze okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wenu ukuba amthukuthelise zala:


Ngifakaza kini namuhla izulu nomhlaba ukuthi niyakubhubha masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukulidla; aniyikuzandisa izinsuku zenu kulo, kepha niyakushaywa ngesiqalekiso.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ