Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 11:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ukuze izinsuku zenu nezinsuku zabantwana benu zande ezweni uJehova alithembisa oyihlo ngesifungo ukubanika lona, njengezinsuku zezulu emhlabeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 ukuba zandiswe izinsuku zakho nezinsuku zabantwana benu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona, njengezinsuku zezulu phezu komhlaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 ukuba zandiswe izinsuku zakho nezinsuku zabantwana bakho ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho ukuthi uzobanika lona, inqobo nje uma umkhathi usephezu komhlaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 11:21
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bayakwesaba wena, kusekhona ilanga nenyanga, izizukulwane ngezizukulwane.


Uma abantwana bakhe beshiya umthetho wami, bengahambi ngezimiso zami;


Ubude bezinsuku busesandleni sabo sokunene; nasesandleni sakhe sokhohlo ingcebo nodumo.


Ngoba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, nokuphila, nokuthula.


Yizwa, ndodana yami, wamukele amazwi ami; futhi iminyaka yokuphila kwakho iyoba miningi.


Ngokuba ngaMi izinsuku zakho ziyakuba-ziningi, neminyaka yokuphila kwakho iyakwandiswa.


Ngeke kusaba khona usana lwezinsuku, noma ixhegu elingakazigcwalisi izinsuku zalo; ngoba umfana uyakufa eleminyaka eyikhulu; kepha isoni esineminyaka eyikhulu siyakuqalekiswa.


ukuze nandise izinsuku ezweni uJehova alithembisa oyihlo ngesifungo ukulinika bona nenzalo yabo, izwe elichichima ubisi nezinyosi.


Ugcine izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla ukuba kukuhambele kahle wena nabantwana bakho emva kwakho, zande izinsuku zakho emhlabeni uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona kuze kube phakade.


Yazisa uyihlo nonyoko, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekuyalile; ukuze izinsuku zakho zibe zinde futhi kukuhambele kahle ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngayo, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho, zonke izinsuku zokuhamba kwakho; futhi ukuze izinsuku zakho zande.


Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; phezu kwabanjalo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ