UDaniyeli 11:36 - Contemporary Zulu Bible 202436 Futhi inkosi kumelwe yenze ngokwentando yayo; iyoziphakamisa, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume izimangaliso ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nempumelelo, kuze kuphele ulaka; ngoba okumisiweyo kuzokwenzeka. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE36 “Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 202036 “Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Ndodana yomuntu, yisho enduneni yaseTire, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngoba inhliziyo yakho iphakeme futhi wena wathi: NginguNkulunkulu, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu, phakathi kolwandle; nokho ungumuntu hhayi uNkulunkulu, ngisho noma ubeka inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu.
Ngase ngizwa ukuthi indoda eyembethe ilineni, eyayiphezu kwamanzi omfula, yaphakamisela ezulwini isandla sayo sokunene nesokhohlo, yafunga yena ophilayo kuze kube phakade ukuthi okwesikhathi, nezikhathi, nengxenye; futhi lapho eseqedile ukuhlakaza amandla abantu abangcwele, zonke lezi zinto ziyofezeka.